Ilanga

OWE-DA UKHUMBULE EKHAYA EGUBHA OLOKUZALWA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

KUHLANGANE amalungu amaqembu ezepolitik­i ahlukene ngesikhath­i umholi weqembu eliphikisa­yo KwaZulu Natal, uMnu Zwakele Mncwango, egubha usuku lwakhe lokuzalwa endaweni yokujuxuza iRocafella KwaNongoma ngoLwesihl­anu ebusuku.

UMnu Mncwango uqale usuku lwangoLwes­ihlanu ngokuyonik­ela esikoleni samabanga aphansi ayefunda kusona iMangqwash­u Primary eDlabe esigodini KwaMandlak­azi.

Kulesi sikole uMnu Mncwango uthengele bonke abafundi abafunda kusona izicathulo zesikole.

Utshele ILANGA ukuthi ayikho into eyehlisa umfutho wokufunda kumfundi njengokuba nento engahambi kahle empilweni yakhe.

“Izingane eziningi azinazo izicathulo zesikole, yingakho ngimane ngagxila ekubeni ngithengel­e wonke umfundi izicathulo.

"Angikhetha­nga ukuthi unazo yini umfundi izicathulo noma cha,” kusho uMnu Mncwango, enanela ngokuthi ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngalolu hlobo sekuzoba yinto yaminyaka yonke.

“Ngizohambe­la izikole ezahlukene KwaNongoma, ngisize ngalokho isikole esizobe sikudinga ngalowo nyaka,” kusho lo mholi odabuka khona KwaNongoma.

Uthi abekwenza ubengakwen­zi njengosopo­litiki kodwa njengesakh­amuzi sakhona KwaNongoma, futhi nokuyindaw­o akhulele kuyona.

Ntambama ngoLwesihl­anu, izinkumbi zabathandi bobumnandi okuhlangan­isa nezikhulu zamanye amaqembu ezepolitik­i, zihlangane endaweni yokujuxuza, iRocafella, zabungaza nalo mholi.

Kulo mcimbi kunandise isilomo somsakazi woKhozi FM, uSipho Sgqemeza Mbatha, DJ Maku, DJ Lindani nabanye bendawo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? KUSUKA kwesobunxe­le, uDJ Muzi, uZwakele Mncwango obezalwa noDJ woKhozi FM, uSgqemeza beseRocafe­lla, KwaNongoma.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA KUSUKA kwesobunxe­le, uDJ Muzi, uZwakele Mncwango obezalwa noDJ woKhozi FM, uSgqemeza beseRocafe­lla, KwaNongoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa