KUME NSE UKUFUNDA KUBANGWA IZINTOMBI
BAJAHANE ngezikhali emagcekeni esikole abafundi baseWeenen Combined School, eSahlumbe, kwamiswa ukufunda ngenxa yodlame lombango wezintombi izolo ngoLwesithathu.
Ngokuthola kweLANGA, sekunesikhathi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwabafundi bakulesi sikole okuholele ekubeni bagcine sebelwa ngokwezigodi.
Impi iqale phakathi kwabafundi besigodi saseMkholombe nesaseMsobotsheni - kwangenelela nabafundi okungebona abaseWeenen Combined.
Umthombo weLANGA uthi isimo kasisihle ngoba lolu daba selubikwe kaningi nasebuholini bomphakathi kodwa izingane zisaqhubeka nokuphathelana imimese.
Uthi inkinga wukuthi nezikole kazikho kule ndawo njengoba izingane zimbondelana eWeenen Combined.
“Kunezikole ezimbili okuyiMasibonge Secondary neNkangala Secondary okumele ngabe zisetshenziswa yizingane ezidabuka eMkholombe naseMsobotsheni, kodwa-ke zinoGrade 8 no-9 kuphela.
“Sekuphele iminyaka zingakhiwa, kasazi ukuthi yini lena evimbile,” kusho umthombo.
Kuthiwa othisha babalekele esiteshini samaphoyisa ngenxa yodlame. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bayalugxeka kakhulu udlame oluphazamisa ukufunda nokufundisa.
Unxuse ubuholi bomphakathi ukuba bungenelele ngoba kuphazamiseka izingane zabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe okwamanje kasikho isigameko esibikwe emaphoyiseni mayelana nokwenzeke kulesi sikole.