Bayoqhinqa eMgungundlovu abafundisa uGrade R
Bathi lusabhekisiswa udaba lwabo
KUNGASE kuphazamiseke ukwethulwa kwesabelo-mali soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal namhlanje ngo-14h00 eMgungundlovu, njengoba othisha bakwaGrade R abangamalungu eNational Teachers' Union (Natu), besabisa ngokuyoqhinqa esishayamthetho salesi sifundazwe.
Labo thisha bathi bafuna ukuzilwela nongqongqoshe wezemfundo kulesi sifundazwe, uMnu Mthandeni Dlungwana, njengoba bekhala ngokungakhushulelwa amaholo. ISekela-mengameli leNatu, uMnu Allen Thompson, lithi bashaqekile ukuzwa izindaba zokuthi othisha bakwaGrade R kabenyuselwanga amaholo futhi kabayitholanga nalena yezinyanga ezedlule abayikweletwa wumnyango.
"Kuyadumaza lokhu ngoba ngesonto eledlule sihlanganile ngoMnu Dlungwana wavumelana nathi ukuthi uzobakhokhela othisha, kodwa sethuka uma amalungu ethu alinganiselwa ku-6 000 esitshela ukuthi imali kawayitholanga ekupheleni kukaEphreli,” kusho uMnu Thomspon.
UMnu Thompson uthi banxuse bonke othisha bakwaGrade R KwaZulu-Natal, abazali nabathintekayo kulokhu kuxhashazwa kothisha ukuba bangenelele. Uthi ngeke bazibeke phansi kule nkinga ababhekene nayo kuze kube kulungiseka okufunwa ngothisha.
Uveze ukuthi namhlanje kunqunywe ukuba kuyophazanyiswa esishayamthetho eMgungundlovu ukuze kuzozwakala abakhala ngakho. “Yingango sinxuse uNgqongqoshe wezeMfundo eyisisekelo, uNkk Angie Motshekga, ukuba awuthathe umnyango ungene ngaphansi kukasection 100 njengoba kwenziwe naseMnyangweni wezeMpilo eNorth West.
"Bonke othisha bakwaGrade R abalwela ilungelo labo, bazobe bekhona eMgungundlovu beyobheka ukuthi njengoba kwabiwa imali nje, ngabe udaba lwabo luyobhekwa nini. UMnu Dlungwana neNhloko yoMnyango, uDkt Enoch Nzama, sebehluleke bancama wukuphatha umnyango,” kusho uMnu Thompson.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi lusabhekisiswa udaba lwamaholo othisha bakwaGrade-R.