UBEXABANA NOMKAKHE NGOBIZO LOBUDOKOTELA
UDOKOTELA Thulani Ndlovu ubexabana nomkakhe ngokuvumela iziguli ukuba zixhumane naye noma engasekho kulo msebenzi othatha isikhathi sakhe esikhulu.
Indawo kaDkt Ndlovu ivula ngo-9 ekuseni phakathi nezinsuku kuze kuvalwe nxa sekuphele iziguli, kanti inezingxenye eziningi njengoba kune- x-ray, udokotela wamazinyo, owamehlo, owabesifazane, indawo yokusiza abano- mdlavuza nekhemisi.
UDkt Ndlovu ubophe ifindo likasofasilahlane noNkk Nokuthula Ndlovu, uMaButhelezi, ngo-2005. UNkk Ndlovu uyi- advocate eNtuzuma kanti babusiswe ngabantwana abathathu, amantombazane amabili nomfana.
Uthi ngumfana kuphela okhombisa uthando lobudokotela njengoba indodakazi yakhe endala yenza iPsychology eFree State. “Phambilini bengixabana nomkami ngoba bekungena izingcingo zeziguli kumakhalekhukhwini noma sengisekhaya. Nokho sewakwamukela ukuthi kusuke kuwumsebenzi engawubizelwa.
"Kuyenzeka ngiqede ukusebenza ngo-12 ebusuku,” kusho uDkt Ndlovu nsuku zonke oqala ngokuyosebenza amahora amabili emitholampilo emithathu ngokwahlukana kwezinsuku.
Usebenza emtholampilo waseWembezi, owaseZwelisha nowaseNtabamhlophe ukufaka isandla kwabangenawo amandla okuya esikhungweni sakhe. Ubonga isibhedlela saseMtshezi ngokumvumela ukusiza kule mitholampilo.
Uphethe ngokubonga umndeni wakhe ngokumeseka yize kunzima njengoba ehlala ngokuhlukana nawo.
“Umkami nabantwana bahlala emzini wethu oseThekwini, mina ngihlala koseMtshezi. Ngivakasha ngezimpelasonto eThekwini nabo beze ngapha nxa kuyimpelasonto ende.
"Ngifisa nokubonga umphakathi, ikakhulukazi owaseWembezi ngempatho enhle.
"Le ndawo kayikaze igqekezwe selokhu ngayakha,” kusho uDkt Ndlovu ongawuvali umlomo nangokuzinikela kwezisebenzi zakhe eziyisi-6 ayibamba nazo kule ndawo.
Uthi ezinye zazo uqale ukusebenza nazo ngo-1997 ngesikhathi evula indawo yokuqala edolobheni eMtshezi.