ITHUBA ELIYINGQAYIZIVELE ENTSHENI ENAMAKHONO EMZINYATHI
AZOTHOLA ithuba lokugudlana amahlombe nezingwazi emculweni kamaskandi amaciko angaphansi kukaMasipala uMzinyathi, asafisa ukuzakhela igama kulo mculo nakweminye imisebenzi, okubalwa kuyona eyezandla.
Iqembu likamaskandi lodumo, Izingane Zoma, lihlele ifestiveli ebizwa ngaMaciko oMzinyathi Multi-Disciplinary Festival, wokuba amaciko aziveze, ozokuba ngeSonto, eNquthu Stadium.
Leli qembu lithi likwenza lokhu ngenxa yokubona abanye abantu begcina sebegxila ezintweni ezibaholela kokungalungile ekubeni bephiwe ubuciko bokuziphilisa okubalwa ukucula, ukuthunga nokubaza.
Isikhulu sale nkampani, uMnu Thulani Ngcobo, sithi njengoba sekuneminyaka leli qembu liyibambile kumasikandi - kusukela ngo- 1993 - babone kukuhle ukunikeza amanye amaciko ithuba lokuziveza, kugqugquzelwe intsha yaseMzinyathi, ukuba ikusebenzise ekuphiwe.
“Eminyakeni edlule leli qembu liqale ngokusungula umkhankaso obekuhloswe ngawo ukulekelela imindeni eswele ngokuba libe namakhonsathi ezindaweni ezahlukene, lapho obekungenwa khona mahhala, kodwa umphakathi ubucelwa ukuba unikele ngonakho okubalwa izimpahla zokugqoka, ukudla nezincwadi ezingasasebenzi bese konke kudluliselwa emindenini eswele.
“Ngokubona isidingo esikhulu sokuba lolu hlelo luqhubeke, leli qembu lisungule Izingane Zoma Development Foundation, ebhekelele uhlelo lokwelula isandla emphakathini kwezobuciko,” kusho uMnu Ngcobo.
Ngalolu suku kuzokube kumenywe amaciko aqhamuka eMzinyathi ukuba ayokhangisa ngemisebenzi yawo eyahlukene, okubalwa imisebenzi ye-zandla efana nemvunulo yesintu, okubazi- weyo nokunye okukhombisa ukunotha kwezobuciko kulesi sifunda.
Abaculi bakamaskandi abasebasha abaqhamuka khona eMzinyathi, bazoshiyelana inkundla nasebezakhele igama kulo mculo.
Phakathi kwabaculi abazokube bekulo mcimbi kubalwa Izingane Zoma, Amakhosi, uThokozani Langa, uKhuzani, Amageza Amahle, u-Ali Mgube, iMfezemnyama, uDlubheke, uJaiva Zimnike, uCelazimnike, Imithente, uGlama kaMaskandi, Osaziwayo, Abafana bakaMgqumeni, iNyonemhlophe, uFalabo, iJourney of Dreams, uQalindaba, uMgqonyeni noNtathakusa. Kungenwa mahhala. Lo mcimbi uxhaswe wuMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.