KADE ZAZIMNETHA UMGIJIMI OWALINYAZWA EJIMA
AKAQALI ukuphunyula emlonyeni wengwenya uMhlengi Gwala (26), ongumgijimi, umbhukudi nomshovi wamabhayisikili osinde ehlaselwa yizigilamkhuba ezintathu ngoNdasa (March) zazama ukumnqamula umlenze.
UGwala uthi isibindi sokubhekana nokuxolela lezi zigilamkhuba, sidalwe wukuthi kudala zazi- mnetha futhi kudala ayephunyula ethunzini lokufa. ‚
“Sengisinde ngibanjwa inkunzi ngezibhamu kwaze kwaba kathathu. Okwesine ngikhishelwe ummese ngakwazi ukubaleka. Sengibe sengozini yemoto kwaze kwaba kathathu okunye kwenzeke ngowezi-2015 lapho omunye wozakwethu ebesiziqeqesha naye eshonele khona, mina ngangalimala.
“Ngemuva kwalokho ngishayiswe yimoto kwafahlaka ibhayisikili lami kanti ngike ngashayiswa yimoto ngiziqeqesha ngisemzileni wabahamba ngezinyawo ( pavement),” kusho yena.
Kakuzona lezi zigameko kuphela ezimehlele kodwa uthi usesinde kwaze kwaba kabili kushaya umphezulu lapho ekhona.
“Yingakho nalokhu okwenzekile kimina ngingeke ngivume ukuba kungiqede amandla noma kukhubaze ikusasa lami nelezingane zami.
“Ngizimisele ngokulwa ngize ngisinde ngokugcwele ngiphindele emiqhudelwaneni,” kusho uGwala.
Uvumile kuleli phephandaba ukuthi uyasola ukuthi laba abamlimazile babethunywe ngumuntu omaziyo ukuthi njalo ngoLwesibili, uLwesine nangoMgqibelo uyazilolonga kwazise lesi sigameko simehlele kuwuLwesibili.
Uthe ukuxola kwakhe kakusho ukuthi uma kukhona obethume lezi zigilamkhuba, naye usemxolele.
“Laba ngibaxoxelela ngoba ngiyazi ukuthi kunabantu abaphila kanzima abangenza noma yini ukuthola imali.
“Umuntu noma abantu enginenkinga nabo yilabo abakwazi ukuthumela lezi zigilamkhuba. Labo kangibaxoleli futhi ngiyafisa ngelinye ilanga ukubabona ngibabuze ukuthi bengenzeni ukuthi sebengangifisela into embi kangaka,” kusho uGwala.
Sengisinde ngibanjwa inkunzi ngezibhamu kwaze kwaba kathathu...