UVALO KUDUNGUZELA INKOSI ENOMLANDO
SIBI isimo enkosini yaseMdletsheni, eHluhluwe, okubikwa ukuthi kayikwazi ngisho ukuhamba ngenxa yokudunguzela. ILANGA lithole ukuthi iNkosi Bonga Mdletshe - ebalwa namakhosi amadala abambe iqhaza elibalulekile ebukhosini baKwaZulu, ngaphansi kukaNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi - sekuphele isikhathi eside ingena iphuma ezibhedlela.
Kubikwa ukuthi ezinyangeni ezedlule ihlaselwe yisifo sohlangothi, okwenze ukuba isimo sayo sempilo sibentekente. Umthombo weLANGA owakhelene nenkosi, uthi ukudunguzela kwayo kuyethusa.
Uthi ibonakele ngesonto eledlule iqukuliwe ihanjiswa eNkosini yamaNazaretha, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe njengoba ibivakashele edolobheni eHluhluwe.
“Ngethuke kabi uma ngibona inkosi ingakwazi nokuhamba. Isimo sayo sibi ngempela, sishiye bonke abantu bethukile ngoba kuyabonakala ukuthi sekunesikhathi eside kuyihlaselile lokhu kugula,” kusho umthombo.
Uthi inkosi ilele phansi kodwa kufihliwe lokho. Imizamo yokuxhumana nenkosi uMdletshe, kayiphumelelanga kusukela ngoLwesibili, olwedlule njengoba ucingo lwayo lungangeni. ILANGA lixhu- mane noMnu Bhekifa Zungu, osebenza eduzane nenkosi ezindabeni ezithinta isizwe saseMdletsheni, othe kayiphathekile kahle kodwa kakukubi kakhulu.
Uthe into eyinkinga kakhulu enkosini wumkhuhlane futhi sekunesikhathi eside ingena ezibhedlela kuzanywa impilo.
“Wumkhuhlane nje ongatheni, kakusikhona ukuthi sesingaze sigibele phezulu entabeni sitshele abantu ukuthi inkosi iyadunguzela ngoba bekade sinayo nje ngoLwesithathu emhlanganweni wesizwe enkantolo yayo.
“Impilo yona kayiseyinhle, inkosi ihlale ikhala ngalokho,” kusho uMnu Zungu. Ukuqinisekisile ukuthi isifo sohlangothi siyiphazamisile inkosi ezenyangeni ezedlule.