Akulungile ukwesabisa abokufika ngodlame
UMKHANKASO wosomabhizinisi abasafufusa basemalokishini wokuba kuxoshwe abokufika asebaqala amabhizinisi anempumelelo kulezi zindawo, uwodwa ngeke ubanike impumelelo. Ukwesabisa abokufika ngodlame nakho kakuwona umqondo ophusile, kuphambene nemithetho yezwe futhi kakuyona indlela eyamukelekile yokulungisa izinkinga. Noma bangahamba abokufika, lokho kakusho ukuthi ziyobe ziphelile izinkinga. Inkinga yokuntengantenga kwamabhizinisi emalokishini yindala.
Ukucaphuna okushiwo nguSolwazi Bonke Dumisa ephephandeni lethu ILANGA LangeSonto izolo, izinto zaqala ukubheda ngeminyaka yama-80s, lapho amabhizinisi asemalokishini acekelwa phansi ngesikhathi somzabalazo, abampisholo belwa bodwa kunokuba babhekane ngqo nohulumeni wamaBhunu wengcindezelo. Izitolo, amabhusha, amagalaji kaphethiloli ukubala nje amabhizinisi ambalwa, kwacekelwa phansi ngalesi sikhathi, okuyisenzo esifana nokuzigwaza ngowakho kwabampisholo.
Ngisho namuhla uma uvakashela amanye amalokishi ethu, uthola kumi izindonga lapho kwakukade kumi khona izinxanxathela zezitolo ezisezingeni eliphezulu zabampisholo. Kwathi nxa kuphela umzabalazo, kungena ezintanjeni uhulumeni wentando yeningi ngo-1994, leso sikhathi salandelwa wukufika emalokishini kwezinxanxathela zezitolo ( shopping malls), okuyisimo esaqedela amabhizinisi abampisholo ayesasele kulezi zindawo. Ukufika kulezi zindawo kwezitolokazi ezifana noShoprite-Checkers noSpar, zona ezikwazi ukudayisa ngamanani aphansi, kwenza kube nzima kosomabhizinisi abasafufusa ukuncintisana nazo.
Osomabhizinisi abasafufusa emalokishini kufanele baqonde ukuthi izwe lishintshile, ukuhweba ngendlela endala njengoba kwakwenzeka kuqala ngeke kuphinde kubuye. Okwenzeka kubo kuthi kakufane nokwenzeka embonini yamatekisi ama- meter taxi, lapho kuthe uma kufika inkampani yase-United States of America (USA), i-Uber, abanikazi bala matekisi asebenza ngendlela endala bazithola belahlekelwa ngamakhasimende abo.
Yilesi simo esesidale ukubulawa ngendlela enyantisayo kwabanikazi bamatekisi angaphansi kwe-Uber eGoli. Osomabhizinisi abasafufusa kudingeka basebenzise amasu omqondo - hhayi udlame - ukubhekana nokulahlekelwa ngamakhasimende.
Ukwenza isibonelo nje, kufanele ngabe bayabambisana bebodwa, bathenge ngokuhlanganyela izimpahla ezitolo ezinkulu ukuze bathole izaphulelo ezinkulu, yikhona bezokwazi ukudayisa lezo zimpahla ezitolo zabo ngamanani aphansi, bakwazi ukuncintisana nabokufika. Nohulumeni kufanele ubambe iqhaza, ubheke ukuthi la mabhizinisi abokufika anazo yini izimvume zokuhweba futhi ayayikhokha yini intela.
Mhlawumbe kufanele kubuyekezwe nemithetho yokuhweba, kufundwe kokwenzeka kwamanye amazwe, njengaseChina lapho abokufika bengavunyelwa wumthetho ukuba bafike baqale amabhizinisi asafufusa, bahwebe ezindaweni ezithile ngokukhululeka.