Ubizwe ngevukana umqeqeshi edliwa
U-Eymael uchaza indlela ahlule ngayo uDavids
UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael uklolodele uFadlu Davids ocija iMaritzburg United ezakhe ziba yizingqwele zeNedbank Cup.
IStars iguqise iMaritzburg ngo-1-0 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo kusihlwa eCape Town Stadium.
UGoodman “Deco” Dlamini, odabuka KwaNongoma, ube yiqhawe leStars eshaya igoli okuyilona elinqobise le kilabhu yakwaMokoena inkomishi. Bese kuphele iminyaka engu-24 iStars igcine ukuqukula inkomishi. U-Eymael ekhuluma neLA
NGA izolo ngeSonto ekuseni, uklolodele uDavids.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu uzibonele kulo mdlalo ukuthi uDavids ngimkhombisile ukuthi uyingane, akazange akwazi ukumelana namasu ami. Inkinga enkulu ngaye wukuthi wenza into eyodwa. Mina ngeke ngihlulwe kabili ngumuntu ophindaphinda into eyodwa.
“IMaritzburg isiyaqageleka ukuthi idlala kanjani futhi noma ishintsha uyazi ukuthi izoshintsha kanjani futhi ngasiphi isikhathi.
"Ngimushaye ngesipiliyoni kulo mdlalo.
"Ngimkhombisile ukuthi ngimdala kunaye, kade ngaba sebholeni. Isipiliyoni nginaso, lokho angikufihli futhi ukuqeqesha ngiyakwazi.
“Senginqobe izinkomishi ezinhlanu emazweni ahlukene e-Afrika.
"Ngakho-ke ngeke ngihlulwe yivukana kowamanqamu. Kodwa-ke usazokhula futhi unekusasa eliqhakazile ebholeni yikhona nje ukuthi ngesinye isikhathi ebholeni kufanele ubuye ushintshe indlela yokwenza. Uma ubona ukuthi akukulungeli okuzamayo kufanele uqhamuke nokunye,” kusho u-Eymael.
Mayelana nekusasa lakhe njengoba kubikwa ukuthi kunamakilabhu amfunayo kuleli naseAfrika, uthe:
“Yebo akhona amakilabhu angifunayo nabaphathi bayakwazi lokho. Kodwa-ke okwamanje ngeke ngiphawule ngekusasa lami. Ngisazohlala nabaphathi sibone ukuthi sibekanaphi. Ngisanenkontileka neStars ngakho-ke konke okwenzekayo kufanele ngikuxoxe nayo.”
UDavids uthi ngeke abasole ngalutho abadlali bakhe, bakwenze konke abebayalele khona.
“Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngonondweba, kungcono ngibheke iqembu lami.
"Ngikholwa wukuthi sibe nomdlalo omuhle, ngeke ngiwuqondise umunwe kumuntu ngayedwana kodwa konke kuhambe ngendlela ebesihlele ngayo ngebhadi-ke ezinye izinqumo azivunanga thina.
“Abadlali bami basebancane, bengilindele ukuthi bazokuba namaphutha kodwa noma kanjani sizowalungisa ngesizini ezayo.
"Bakwenze konke okusemandleni abo kodwa-ke vele ngesinye isikhathi ufunda kanzima.
"Sesibheke isizini ezayo, sizozama ukuqinisa lapho kudingeka khona ukuze uma sidlala komunye owamanqamu singabi nankinga,” kusho uDavids.