Kunesandla semfene odabeni lukaMampintsha noBabes
MHLELI: Baqinisile abathi kayikho impunga yehlathi, akukho okwenzeka esithe okungeyokuvela. Umphathi wesitebele somculo, iWest Ink, uMandla “Mampintsha” Maphumulo, wayephika ukuthi unobudlelwano noBongekile “Babes Wodumo” Simelane, avumbulula ikhono lakhe kwezomculo.
Bawakhahlela ngazo zombili amahlebezi bawabiza ngamampunge kodwa manje aseqinisekiswa wubudlova nokukhathazeka kokuhlukunyezwa kukaBabes nguMampintsha.
Kukho konke lokho okwenzekayo phakathi kwalaba baculi, ngisabona kukhona okushaya amanzi ngodaba lwabo. Nakuba ngingeke ngikwazi ukusho igama lomuntu wesithathu, kodwa yena ukhona kukho konke okwenzakayo njengamanje.
Indlela le ndaba esingathwe ngayo emsakazweni (Metro FM), iyethusa. Ngisho ngoba umsakazi (uMasechaba Ndlovu) ucwaningo ulwenze ohlangothini olulodwa, oluvuna yena njengomuntu wesifazane.
Ukhohliwe ngolukaMampintsha. Kangikholwa ukuthi uBabes akanachashaza. Konke lokhu kwaqalwa yini? Zonke izinxushunxushu zokubhimba kohlelo lwabo kwezothando kanjalo nomculo, ngabe uthule uthini ngakho uMasechaba?
Bonke abantu sengathi bazwelana nowesifazane ekubeni bengayazi ingqikithi yomsuka wodweshu. Kuze kuthiwe owesifazane makahlinzekwe ngabaqaphi nje yibuphi ubungozi osebuhlonziwe? Yini lena engaka engenziwa nguMashimane (uMampintsha) kuBabes?
Kangiqonde kulwa noBabes Wodumo, kodwa kumele sazi ukuthi ngelinye ilanga kuyophenduka amatafula intombazane isiguqula umqondo sekuvela ukuthi kunomshikashika ogcinwa ngabathile ukufeza izinhloso ezinenzondo yombango osemculweni, kubangwa ubunikazi bentokazi.
Ukuqhatha uMampintsha noBabes kuzonika isinkwa omunye umuntu, leso sinkwa esizolahlekela uMampintsha. Inhlese yombango inomthelela omkhulu.