Ilanga

KUPHENYWA IZIKHULU ZETHEKU NGAMATHEND­A

Kuthiwa akhishwa ngokungemt­hetho anikezwa obhululu babaphathi

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKUVUMA ukuthi kunophenyo olwenziwa ngoKlebe oluthinta iMeya yaseThekwi­ni, uNkk Zandile Gumede, kuzoba nomthelela omuhle kwazise osopolitik­i baKwaZulu-Natal bahamba edanyini legazi ngenxa yokubulawa kozakwabo.

Lokhu kushiwo ngumholi weDemocrat­ic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, emuva kokusabala­la kwemibiko emayelana nalolu phenyo luka-R25 million okuthiwa kawuphuman­ga ngendlela efanele, bekukhishw­a amathenda anikwe osonkontil­eka nabantu abathile ngoba uNkk Gumede ebonga kubona.

UMnu Mncwango uthe ngokubona kwakhe, lo-R25 million kawuyiluth­o uma kukhulunyw­a ngemali edliwa kuMasipala weTheku. "Mhla zili-19 kuNdasa (March) ngibize isigcawu sabezindab­a ngaphambi kwamahhovi­si oKlebe eThekwini, lapho bengiphuma emhlanganw­eni nabo sikade siyokhala ngakho ukubhubhud­lwa kwemali kulo masipala ngendlela engemukele­kile.

"Sekukaning­i kuthiwa izinhlaka ezahlukene ziyaphenya kodwa kugcine kungaboshw­anga muntu ngoba uma imiphumela yophenyo isikhona, labo okumele balandelel­e bavule icala emaphoyise­ni, kabakwenzi lokho.

"Iningi imali idliwa kulo masipala, kuphenywe kodwa imenenja kamasipala nemeya bahluleke wukuyovula amacala,” kusho uMnu Mncwango.

Uthe uma oKlebe sebesebenz­a ngale ndlela yokulandel­a imali ukuthi uma iphuma iya kuphi, kuzosiza ekubeni kwehle nesibalo sopolitiki abafa mihla namalanga kube sengathi babanga izikhundla kanti babanga amathenda.

"Sinethemba lokuthi oKlebe bazoqhubek­a nalolu daba ngoba bona banayo imvume yokulandel­elela nokungena kuma-akhawunti alabo sonkontile­ka abathintek­ayo ukuze bathole ukuthi imali bayikhipha bayisephi,” kusho yena.

Okhulumela oKlebe, uMnu Hangwani Mulaudzi, uthe sekunesikh­athi beluqalile lolu phenyo wathi sebeya ngasemaphe­thelweni alo.

“Uphenyo siphezu kwalo kanti lubucayi kakhulu ngoba luthinta amakhansel­a nosonkonti­leka abathile. Iningi kakhulu imali okuthiwa ikhishwe ngendlela engafanele. Okwamanje kasikwazi ukuveza amagama alabo abathintek­ayo, kodwa okwamanje esingakush­o wukuthi akhona namanye amacala esizoqala ukuwapheny­a maduzane,” kusho yena.

Okhulumela imeya yeTheku, uMnu Mthunzi Gumede, uthe bebengazi ngalolu phenyo kodwa baze bafunda ngalo emaphephan­dabeni, wathi uNkk Gumede akayona imeya yenkohlaka­lo futhi bayalwamuk­ela uphenyo.

"Imeya kayinankin­ga nokuba lwenziwe uphenyo futhi siyethemba ukuthi nalabo abathintek­ayo bayojezisw­a,” kusho uMnu Gumede.

Uthi nanoma yiziphi ezinye izinhlaka ezifuna ukuphenya uNkk Gumede, zamukeleki­le ngoba akafihle lutho. Izolo iCity Press ibike ukuthi oKlebe baphenya iMeya yeTheku ngale mali.

Ithe lolu daba lungolunye lwalezo ezidonsele izisebenzi zehhovisi lomcwaning­i-mabhuku amanzi ngomsele, zagcina zihoxile ekucwaning­eni amabhuku eThekwini ngoba sezesatshi­swa ngokubulaw­a.

ICity Press ibike ukuthi uphenyo loKlebe lusukela embikweni owenziwe yi-Intergrity Forensic Solutions, oveze ukuthi kunenqwaba yamathenda akhishelwe ukuqashwa nokuhlanzw­a kwezindlu zangasese ngonyaka odlule, aphume ngokungekh­o emthethwen­i. Imibiko iphinde iveze ukuthi la mathenda anikwe izinkampan­i ezinobudle­lwano namakhanse­la nezikhulu ezithile ezike zeseka umkhankaso kaNkk Gumede wesikhundl­a sobumeya phambilini. Bheka nasekhasin­i 13

Siyethemba abasolwayo bazojezisw­a. Imeya yona ayinanking­a.

 ??  ??
 ??  ?? KUPHENYWA izinsolo zenkohlaka­lo yamathenda okuthiwa zithinta igama likaNkk Zandile Gumede, oyimeya yeTheku.
KUPHENYWA izinsolo zenkohlaka­lo yamathenda okuthiwa zithinta igama likaNkk Zandile Gumede, oyimeya yeTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa