KUPHENYWA IZIKHULU ZETHEKU NGAMATHENDA
Kuthiwa akhishwa ngokungemthetho anikezwa obhululu babaphathi
UKUVUMA ukuthi kunophenyo olwenziwa ngoKlebe oluthinta iMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede, kuzoba nomthelela omuhle kwazise osopolitiki baKwaZulu-Natal bahamba edanyini legazi ngenxa yokubulawa kozakwabo.
Lokhu kushiwo ngumholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, emuva kokusabalala kwemibiko emayelana nalolu phenyo luka-R25 million okuthiwa kawuphumanga ngendlela efanele, bekukhishwa amathenda anikwe osonkontileka nabantu abathile ngoba uNkk Gumede ebonga kubona.
UMnu Mncwango uthe ngokubona kwakhe, lo-R25 million kawuyilutho uma kukhulunywa ngemali edliwa kuMasipala weTheku. "Mhla zili-19 kuNdasa (March) ngibize isigcawu sabezindaba ngaphambi kwamahhovisi oKlebe eThekwini, lapho bengiphuma emhlanganweni nabo sikade siyokhala ngakho ukubhubhudlwa kwemali kulo masipala ngendlela engemukelekile.
"Sekukaningi kuthiwa izinhlaka ezahlukene ziyaphenya kodwa kugcine kungaboshwanga muntu ngoba uma imiphumela yophenyo isikhona, labo okumele balandelele bavule icala emaphoyiseni, kabakwenzi lokho.
"Iningi imali idliwa kulo masipala, kuphenywe kodwa imenenja kamasipala nemeya bahluleke wukuyovula amacala,” kusho uMnu Mncwango.
Uthe uma oKlebe sebesebenza ngale ndlela yokulandela imali ukuthi uma iphuma iya kuphi, kuzosiza ekubeni kwehle nesibalo sopolitiki abafa mihla namalanga kube sengathi babanga izikhundla kanti babanga amathenda.
"Sinethemba lokuthi oKlebe bazoqhubeka nalolu daba ngoba bona banayo imvume yokulandelelela nokungena kuma-akhawunti alabo sonkontileka abathintekayo ukuze bathole ukuthi imali bayikhipha bayisephi,” kusho yena.
Okhulumela oKlebe, uMnu Hangwani Mulaudzi, uthe sekunesikhathi beluqalile lolu phenyo wathi sebeya ngasemaphethelweni alo.
“Uphenyo siphezu kwalo kanti lubucayi kakhulu ngoba luthinta amakhansela nosonkontileka abathile. Iningi kakhulu imali okuthiwa ikhishwe ngendlela engafanele. Okwamanje kasikwazi ukuveza amagama alabo abathintekayo, kodwa okwamanje esingakusho wukuthi akhona namanye amacala esizoqala ukuwaphenya maduzane,” kusho yena.
Okhulumela imeya yeTheku, uMnu Mthunzi Gumede, uthe bebengazi ngalolu phenyo kodwa baze bafunda ngalo emaphephandabeni, wathi uNkk Gumede akayona imeya yenkohlakalo futhi bayalwamukela uphenyo.
"Imeya kayinankinga nokuba lwenziwe uphenyo futhi siyethemba ukuthi nalabo abathintekayo bayojeziswa,” kusho uMnu Gumede.
Uthi nanoma yiziphi ezinye izinhlaka ezifuna ukuphenya uNkk Gumede, zamukelekile ngoba akafihle lutho. Izolo iCity Press ibike ukuthi oKlebe baphenya iMeya yeTheku ngale mali.
Ithe lolu daba lungolunye lwalezo ezidonsele izisebenzi zehhovisi lomcwaningi-mabhuku amanzi ngomsele, zagcina zihoxile ekucwaningeni amabhuku eThekwini ngoba sezesatshiswa ngokubulawa.
ICity Press ibike ukuthi uphenyo loKlebe lusukela embikweni owenziwe yi-Intergrity Forensic Solutions, oveze ukuthi kunenqwaba yamathenda akhishelwe ukuqashwa nokuhlanzwa kwezindlu zangasese ngonyaka odlule, aphume ngokungekho emthethweni. Imibiko iphinde iveze ukuthi la mathenda anikwe izinkampani ezinobudlelwano namakhansela nezikhulu ezithile ezike zeseka umkhankaso kaNkk Gumede wesikhundla sobumeya phambilini. Bheka nasekhasini 13
Siyethemba abasolwayo bazojeziswa. Imeya yona ayinankinga.