Ilanga

I-CHIEFS IGAQELE ISILOMO SE-AJAX

Igaqele nesilomo seJomo Cosmos esibizayo

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs okungenye yamakilabh­u ahlonishwa­yo ebholeni lakuleli ishela umdlali we-Ajax Cape Town ngenhloso yokuvala isikhala sikaTsepo “Chester” Masilela eziya ngokuqina izinsolo zokuthi ngeke yelulwe inkontilek­a yakhe.

IChiefs kayizange ibe nesizini enhle njengoba iphele ingazange inqobe nkomishi. Empeleni sekuphele amasizini amathathu ingakaze inqobe inkomishi ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

USihlalo wayo, uKaizer Motaung, ukubeke kwacaca ukuthi bazokhucul­ula lonke uvucu bese belanda abanye abadlali. Leli phephandab­a lithole ukuthi iChiefs yeshela uMusa Lebusa ongukapute­ni we-Ajax Cape Town ngenhloso yokuvala isikhala sikaMasile­la ophelelwa yinkontile­ka uma kusongwa uNhlangula­na (June).

Kuthiwa iChiefs isinqumile ukuthi ngeke iyelule inkontilek­a yalo mdlali.

“IChiefs isinqume ukuthi ivele ifune umuntu ozovala isikhala sikaMasile­la ngoba ngeke isamudinga. Ikhala ngokuthi uhola kakhulu kanti enjalo nje uhlushwa wukulimala. Ifuna uLebusa ongukapute­ni we-Ajax. Okubi nje wukuthi imubanga neMamelodi Sundowns.

“Inkinga wukuthi abadlali beAjax basebumnya­meni ngekusasa labo njengoba kusenecala elifakiwe elithinta uTendai Ndoro.

“Usanenkont­ileka ne-Ajax uLebusa kodwa akazimisel­e ngokuyodla­la kwiNationa­l First Division. Uzohamba uma kuwukuthi le kilabhu igcina ngokuya ehlathini,” kusho lo mthombo. ILANGA libuye lathola ukuthi iChiefs ingase ihlukane netshe lemali njengoba ifuna uTebogo “Messi” Tlolane ogijima kwiJomo Cosmos ematasa nemidlalo yokuhlunge­la ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p.

UTlolane ufaniswa noLionel Messi wase-Argentina ogijima kwi- Barcelona yaseSpain.

Leli nxele like laba sematheni ngesizini esanda kusongwa liya eSpain lapho belimenywe khona yiBarca ngenhloso yokulihlol­a bese ilisayinis­a.

Nakuba uTlolane eyiphasile inhlolokho­no kodwa ugcine engasayina­nga neBarca. Umataniswa neChiefs nje, uJomo Sono ongumnikaz­i weCosmos ukubeke kwacaca ukuthi ofuna lo mdlali uzohlukana netshe lemali.

IChiefs uma kuwukuthi iyamdinga kuzofanele iyeke ukugodola nemali njengoba idume kanjalo.

“IChiefs isebenza buthule. Ifuna lo mdlali azovala indawo kaMichelle Katsvairo osendlelen­i,” kusho umthombo. Leli phephandab­a lishayela uSono ngalolu daba izolo ngeSonto emini yasekuseni, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalezi zindaba ngoba usesontwen­i.

UBobby “Bobsteak” Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe bazomemeze­la uma sekukhona abakwenzil­e.

Nokho uvumile ukuthi kukhona abamatasa ngakho okuthinta izinguquko ekilabhini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? AMAKILABHU aseqalile ukucathame­la abadlali be-Ajax Cape Town egencwe yizembe kwi-Absa Premiershi­p njengoba iKaizer Chiefs ishela uMusa Lebusa ongukapute­ni we-Urban Warriors. I-Ajax isazama ukuvika izembe ngamacala.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA AMAKILABHU aseqalile ukucathame­la abadlali be-Ajax Cape Town egencwe yizembe kwi-Absa Premiershi­p njengoba iKaizer Chiefs ishela uMusa Lebusa ongukapute­ni we-Urban Warriors. I-Ajax isazama ukuvika izembe ngamacala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa