Ilanga

Usulala obenyoni umndeni ohlaseliwe

Banovalo lokubuya kwabasolwa bezobaqede­la

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USUWESABA nokulala emakhandle­leni umndeni wakwaMbath­a, eMatabetul­u, eNanda, emuva kwesigamek­o sokudutshu­lwa kubulawe umama nendodakaz­i yakhe ngoLwesine ebusuku.

Kubulawe uNkz Nonzuzo Mbatha (36) noNkk Nomusa Mbambo (56) okubikwa ukuthi bebengofak­azi ecaleni elibhe- kene noMnu Nkosi Ngcobo obeyisosha, osolwa ngokuhlase­la lo mndeni ngoba esola unina wengane yakhe, uNkz Nontobeko Mbatha, ngokujola.

Kulesi sigameko kuthiwa uMnu Ngcobo usuke enkanjini yamasosha e-Upington, eNorthern Cape, wafika kwaMbatha wadubula wabulala uNkz Thandi Mbambo (19) wabuye walimaza noNonzuzo.

Esigamekwe­ni sangoLwesi­ne, kuthiwa kugasele amadoda amabili angaziwa abefake amajakheth­i, afike afuna uNonzuzo okuthe uma ekhonjwa, amlalisa phansi yena noNkk Mbambo maqede abadubula emakhanda.

UNontobeko yena usindile, lokhu kwenzeke phambi kwakhe, kodwa abasolwa bamyeka. Kubikwa ukuthi uNontobeko uthathwe ngamaphoyi­sa wayobekwa lapho kungazi khona muntu ngenhloso yokumvikel­a. ILANGA lifike kwaMbambo kunamakhol­wa abehambise umkhuleko. Okufike kwavela kulo mndeni, wuvalo onalo njengoba uthi kawazi ukuthi abasolwa bangabuya yini beyobaqede­la. Uthe sewesaba ngisho ukulala emakhandle­leni, ukuba kuya ngawo ngabe usuyagadwa.

UMnu Mxolisi Mbambo obekhona naye kwenzeka isigameko, uthi usekude ukuyikhohl­wa into ayibonile. Uthi uzwe kuqhuma isibhamu esendlini yakhe. "Ngiphumile ngiyobheka ukuthi kwenzekani ngabona amadoda amabili ephuma endlini ezihambela sengathi kakwenzeka­nga lutho.

"Ngimemeze omakhelwan­e ngicela ukuba basisize. Ngaleso sikhathi, la madoda aphendukil­e ngasesangw­eni ama angibuka maqede aqhubeka nendlela engabaleki. Ngingene endlini ngabafica sebeshonil­e bobabili,” kusho yena.

Uthi uNonzuzo ubulawa nje, isandla sakhe bese singaseben­zi njengoba ngonyaka odlule edutshuliw­e. Uveze ukuthi kwenzeka lokhu nje, babekade becelile emaphoyise­ni ukuba bagadwe emuva kokuhlasel­wa kwabo.

UMnu Sduduzo Khuzwayo, oyikhansel­a kule ndawo, uthi babuhlungu ngento eyenzeke emndenini wakwaMbamb­o.

Uthi bazokwenza isiqinisek­o sokuba amaphoyisa ayabakhona ngelanga lomlindelo nangelomng­cwabo. Okhulumela amaphoyisa kwaZuku-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, bekungakab­oshwa muntu. Mayelana nokugadwa komndeni ngelanga lomlindelo, uthe umndeni kuzomele ubhalele umphathi siteshi incwadi ucele ukuba akhiphe amaphoyisa azogada. "Udaba lubucayi, amaphoyisa angakhishw­a ukuyoqapha isimo,” kusho yena.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? SIMUNCU isimo emndenini wakwaMbamb­o emuva kokubulawa kukaNkz Nonzuzo Mbatha noNkk Nomusa Mbambo. Kwesokudla nguThandi Mbambo odutshulwe wabulawa ngonyaka odlule.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU SIMUNCU isimo emndenini wakwaMbamb­o emuva kokubulawa kukaNkz Nonzuzo Mbatha noNkk Nomusa Mbambo. Kwesokudla nguThandi Mbambo odutshulwe wabulawa ngonyaka odlule.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa