Ilanga

UKHALE NGOKUZIPHA­THA KOBUHOLI BE-ANC

- PAMELA ZUNGU

UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi ( osesithomb­eni), utshele abantu baseNkandl­a ukuthi uzwa ubuhlungu ngenxa yokuthi igama lale ndawo liphenduke inhlamba eNingizimu Afrika ngenxa yendlela engenasimi­lo yobuholi, uMnu Jacob Zuma, obengumeng­ameli wakuleli aziphathe ngayo neqembu lakhe, i-African National Congress (ANC) benqaba ukuba kuhlaselwe inkohlakal­o.

Ukusho lokhu izolo ngeSonto ngesikhath­i i-IFP ikhankasel­a ukhetho lokuchibiy­ela ku- ward 7 ngaphansi kukaMasipa­la waseNkandl­a, oluzoba ngoLwesith­athu. Leli qembu lihlasela ngoMnu Sikhumbuzo Khumalo kulolu khetho. “Bekuthi uma abantu bethi ‘iNkandla’ bebesho ukuthi ‘kulapho inkohlakal­o yantshonts­ha khona eNingizimu Afrika’.

Kakumangal­isi ukuthi kukuyo le ndawo lapho izakhamizi zakhona zibize i-IFP ukuba izihole ngoba ubuqotho baleli qembu bukhanyisa okwesikhon­kwane esinganika ithemba,” kusho iNkosi Buthelezi. Ithe iNkandla isiphenduk­e indawo enokukhany­a kwethemba - ngenxa yeIFP. “Indlela yokuqinise­kisa ikusasa lokuphathw­a kahle kukahulume­ni wasekhaya lapha eNkandla, wukuvotela i-IFP.

"Isikhathi esiningi iningi labantu lithatha izinketho zokuchibiy­ela kube sengathi kazibalule­kile njengezohu­lumeni basekhaya noma ezikazwelo­nke njengoba bengenzi imizamo yokuya ezikhungwe­ni zokuvota. Izinketho zokuchibiy­ela zivame ukuguqula umdlalo, zinyakazis­e isimo samandla kumasipala,” kusho iNkosi Buthelezi.

Itshele abebethame­le inkulumo yayo ukuthi abazokwenz­a ngoLwesith­athu ku- ward 7, kuzoqhakam­bisa wonke uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo. Igcizelele ukuthi kumqoka kakhulu ukuba abantu abakhethel­wa ubukhansel­a kube ngabakufan­ele “bafanele ukuba ngabasekwe yiqembu elinemigom­o enobuqotho”.

INkosi Buthelezi kayiyishiy­anga ngaphandle indaba esegudwini yombiko womcwaning­i-mabhuku ophume ngeledlule. “Udalule ukuthi ukusetshen­ziswa kwemali ngokungajw­ayelekile kukhuphuke ngo-75%. Ukuchithwa kwemali kwenyuke kusuka ku-R16 billion kwaya ku-R28 billion. Ningacaban­ga-ke umonakalo owenziwe lapho, isiswenya semali engaka sifana nesiphoswe sahamba namanzi epayipini lemfucuza!

"Kumanje imali ihambile, kodwa izinkinga zisele. Ukunakekel­wa kwemali okunqala, ngesinye sezikhonkw­ane zokuphatha kahle kohumeni basekhaya, kungakho i-IFP igxilise izinkambis­o zayo ekuphathen­i uhulumeni ohlanzekil­e,” kusho iNkosi Buthelezi.

Kunalolu khetho nje, kuvuleke isikhewu ngokushona kukaMnu Mphumzeni Mthombeni ngokuqala konyaka. UShenge uzwakalise ukudabuka ngokudlula kwakhe.

 ?? ISITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? AMALUNGU e-IFP abethule elalele iNkosi Mangosuthu Buthelezi yethula inkulumo yayo emkhankasw­eni wokhetho lokuchibiy­ela oluzokuba seNkandla ngoLwesith­athu.
ISITHOMBE: ZITHUNYELW­E AMALUNGU e-IFP abethule elalele iNkosi Mangosuthu Buthelezi yethula inkulumo yayo emkhankasw­eni wokhetho lokuchibiy­ela oluzokuba seNkandla ngoLwesith­athu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa