Bahlawuliselwe ukunqaba eyesibaya
Bakhokhiswe yinkantolo u-R2 500 umuntu emunye besolwa ngokuvukela umbuso
AFUNA kungenelele uhulumeni amalungu amane omphakathi waseMbunge, eMatheni, KwaNongoma, ahlawuliswe u-R2 500 - umuntu ngamunye - yinkantolo yeNkosi uThabisile Precious Zulu (eyibamba) ngoba esolwa ngokuvukela umbuso.
UMnu Phiwa Mpanza, uMnu uMnu Thulani Ntombela, uMnu Petros Mtshali noMnu Muzi Masuku, bathi udaba lwabo bafuna lufinyelele eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ukuze kuzokwenzeka ubulungiswa.
Bekhuluma neLANGA, bathe isono sabo kube wukubuza enduneni yendawo, uMnu Jabulani Magwaza - kade kuhla- ngenwe nomkhandlu wayo - mayelana nesimemezelo esenzile esichaze njengesikamasipala sokuba kwakhiwe isibaya sezimbuzi endaweni. Bathi lokho kubuza kwabo kubadalele amazinyo abushelelezi njengoba bethole izincwadi ezibabizela enkantolo yesizwe.
UMnu Phiwa Mpanza obekhuluma egameni labo bobane, uthi namanje basazibuza ukuthi yiliphi iphutha abalenzile ngoba bona bebebuza egameni lomphakathi, kwazise kawufunanga kwakhiwe lesi sibaya. "Bekunecala ebesiyolilalela enkantolo yesizwe, induna yamemezela ngezinhlelo ethe ngezikamasipala, zokuthi usikaza ukwakha isibaya sezimbuzi endaweni.
"Mina namanye amalungu omphakathi, siphakamise ukuba kubizwe umhlangano okuzochazelwa kuwona umphakathi ngalolu daba, kuzwakale ukuthi wona uphawula uthini. Sigodukile kungekho olubi esilusolayo. Ubiziwe umphakathi wahlangana, yilapho uzwakalise ukungenami ngodaba lwesibaya.
"Ubukhala ngokuthi kungani umasipala ungayanga kuwona uyokhuluma ngalolu daba. Isono sethu kube wukwedlulisa lo mlayezo nemibuzo ebesinayo enduneni nomkhandlu wayo, yabe isisola ukuthi yithina esingafuni ukuba kwakhiwe lesi sibaya. Ibuye yajika le nkulumo kwathiwa yinkosi ezokwakha isibaya.
"Sethuke kwaphela nasozwaneni sesithola izincwadi ezisibizela enkantolo yesizwe kuthiwa siyadingeka ngokushesha. Sifike enkantolo satshelwa ukuthi sibe- kwa amacala okuvukela umbuso,” kusho yena. Uthi icala liqulwe isikhathi esingamasonto amabili, labalahla, batshelwa ukuthi kuzomele ukuba umuntu ngamunye akhiphe u-R2 500.
Utshele ILANGA ukuthi babhalele inkosi becela ukuba ibenzele incwadi ezobagunyaza ukuba badlulisele icala enkantolo yemantshi.
“Incwadi siyihambise thina, kodwa unobhala wenkosi wasitshela ukuthi kumele le ncwadi esiyibhalile idlule enduneni yethu ngaphambi kokuba iye emkhandlwini wenkosi, okuyiwona ozosenzela incwadi.
"Siyile enduneni kodwa yasichitha, yasitshela ukuthi masiye emkhandlwini nawo wasichitha. Udaba lwethu sibone kungcono ukuba silwedlulisele emnya- ngweni wezokubusa ngokubambisana nezomdabu ngoba sifuna ubulungiswa. Sicela ungqongqoshe angenelele kulolu daba," kusho uMnu Mpanza.
Imizamo yokuthola uMnu Magwaza ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZuluNatal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe bebengakezwa ngalolu daba kodwa wathembisa ukuthi umnyango uzolubhekisisa.
Imizamo yokuthola iNkosi Zulu kayiphumelelanga njengoba ngoLwesihlanu ifoneliwe kodwa ucingo lwayo lwakhala lwangabanjwa. Ithintiwe izolo ngeSonto, zombili izinombolo ILANGA elinazo bezingangeni.