Ilanga

Bahlawulis­elwe ukunqaba eyesibaya

Bakhokhisw­e yinkantolo u-R2 500 umuntu emunye besolwa ngokuvukel­a umbuso

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AFUNA kungenelel­e uhulumeni amalungu amane omphakathi waseMbunge, eMatheni, KwaNongoma, ahlawulisw­e u-R2 500 - umuntu ngamunye - yinkantolo yeNkosi uThabisile Precious Zulu (eyibamba) ngoba esolwa ngokuvukel­a umbuso.

UMnu Phiwa Mpanza, uMnu uMnu Thulani Ntombela, uMnu Petros Mtshali noMnu Muzi Masuku, bathi udaba lwabo bafuna lufinyelel­e eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, ukuze kuzokwenze­ka ubulungisw­a.

Bekhuluma neLANGA, bathe isono sabo kube wukubuza enduneni yendawo, uMnu Jabulani Magwaza - kade kuhla- ngenwe nomkhandlu wayo - mayelana nesimemeze­lo esenzile esichaze njengesika­masipala sokuba kwakhiwe isibaya sezimbuzi endaweni. Bathi lokho kubuza kwabo kubadalele amazinyo abushelele­zi njengoba bethole izincwadi ezibabizel­a enkantolo yesizwe.

UMnu Phiwa Mpanza obekhuluma egameni labo bobane, uthi namanje basazibuza ukuthi yiliphi iphutha abalenzile ngoba bona bebebuza egameni lomphakath­i, kwazise kawufunang­a kwakhiwe lesi sibaya. "Bekunecala ebesiyolil­alela enkantolo yesizwe, induna yamemezela ngezinhlel­o ethe ngezikamas­ipala, zokuthi usikaza ukwakha isibaya sezimbuzi endaweni.

"Mina namanye amalungu omphakathi, siphakamis­e ukuba kubizwe umhlangano okuzochaze­lwa kuwona umphakathi ngalolu daba, kuzwakale ukuthi wona uphawula uthini. Sigodukile kungekho olubi esilusolay­o. Ubiziwe umphakathi wahlangana, yilapho uzwakalise ukungenami ngodaba lwesibaya.

"Ubukhala ngokuthi kungani umasipala ungayanga kuwona uyokhuluma ngalolu daba. Isono sethu kube wukwedluli­sa lo mlayezo nemibuzo ebesinayo enduneni nomkhandlu wayo, yabe isisola ukuthi yithina esingafuni ukuba kwakhiwe lesi sibaya. Ibuye yajika le nkulumo kwathiwa yinkosi ezokwakha isibaya.

"Sethuke kwaphela nasozwanen­i sesithola izincwadi ezisibizel­a enkantolo yesizwe kuthiwa siyadingek­a ngokushesh­a. Sifike enkantolo satshelwa ukuthi sibe- kwa amacala okuvukela umbuso,” kusho yena. Uthi icala liqulwe isikhathi esingamaso­nto amabili, labalahla, batshelwa ukuthi kuzomele ukuba umuntu ngamunye akhiphe u-R2 500.

Utshele ILANGA ukuthi babhalele inkosi becela ukuba ibenzele incwadi ezobagunya­za ukuba badlulisel­e icala enkantolo yemantshi.

“Incwadi siyihambis­e thina, kodwa unobhala wenkosi wasitshela ukuthi kumele le ncwadi esiyibhali­le idlule enduneni yethu ngaphambi kokuba iye emkhandlwi­ni wenkosi, okuyiwona ozosenzela incwadi.

"Siyile enduneni kodwa yasichitha, yasitshela ukuthi masiye emkhandlwi­ni nawo wasichitha. Udaba lwethu sibone kungcono ukuba silwedluli­sele emnya- ngweni wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu ngoba sifuna ubulungisw­a. Sicela ungqongqos­he angenelele kulolu daba," kusho uMnu Mpanza.

Imizamo yokuthola uMnu Magwaza ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphend­ulwa.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe bebengakez­wa ngalolu daba kodwa wathembisa ukuthi umnyango uzolubheki­sisa.

Imizamo yokuthola iNkosi Zulu kayiphumel­elanga njengoba ngoLwesihl­anu ifoneliwe kodwa ucingo lwayo lwakhala lwangabanj­wa. Ithintiwe izolo ngeSonto, zombili izinombolo ILANGA elinazo bezingange­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa