Ilanga

ICHALAHA LIKASHAFUZ­A LIZOFIHLWA NGOMGQIBEL­O

- MTHOBISI SITHOLE

UZOFIHLWA ngoMgqibel­o KwaJikijik­i, KwaMaphumu­lo, umculi kamasikand­i, uSbongisen­i Mjikijelwa “iChalaha likaShafuz­a‚” Ngubane ( osesithomb­eni), oshone ngoLwesihl­anu ekuseni eThekwini emuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside.

UNkz Thembi Ngubane, oyilungu lomndeni weChalaha, uthi kuhlelwe ukuba kwenziwe nezinkonzo zesikhumbu­zo sakhe eGoli, yiKwaNjeng­abantu KwaMaphumu­lo naseThekwi­ni ngoLwesine ntambama.

“Kasikaqini­sekisi ngokwezind­awo eziqondile okuzokwenz­elwa kuzona izinkonzo zesikhumbu­zo,” kusho uNkz Ngubane.

Induna yabalandel­i beChalaha, uMnu Qhoshakufa­nele Mkhonza, ithi bazolivike­la igama likaMjikij­elwa, kabafuni liphele emlandweni womculo.

Uthi okubalulek­ile kubona wukuba bonke ebebethand­a lo mculi babambane, baphinde baseke nezinsizwa eziphekwe nguyena kwezomculo.

“UMjikijelw­a ubefana nobaba wethu, kakumele sidayise ngombuso wakhe. Sife olwembiza ngokuhamba kwale ndoda, sekumele samukele isimo njengoba sinjalo,” kusho uMnu Mkhonza.

UMjikijelw­a uqale mhla ka-1 kuMbasa (April) emcimbini weNdidane Festival eMsinga, ubebonakal­a ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba umlenze ubewuhudul­a.

Kumqinisil­e ukugula phakathi noMbasa. Mhla ka-28 kuNdasa, ufike emcimbini wakwaMTN obuseCurri­es Fountain, eThekwini - okuyilapho ebonakale khona okokugcina phambi kwabantu - wathi uzijubile khona egula ngenxa yokuthi uyawuthand­a umasikandi.

Kulo mcimbi ufike edondoloze­la ngenduku, kubonakala ukuthi isimo sakhe sibi.

 ??  ?? ukubonakal­a ukuthi akaphilile ngoNdasa (March) kanti nango-
ukubonakal­a ukuthi akaphilile ngoNdasa (March) kanti nango-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa