Ilanga

Kundize amabhodlel­a befuna uBabes Wodumo

- LUCKY CAIN noNTANDOYE­NKOSI BUTHELEZI lucky.cain@ilanganews.co.za

BAVUKE umbhejazan­e bajikijela amabhodlel­a esiteji befuna uBabes Wodumo abantu emcimbini obuseMlazi ngoMgqibel­o ebusuku.

UBabes Wodumo ubengomuye wabaculi abebemenyw­e ukuzonandi­sa kulo mcimbi obizwa ngoMlazi Picnic kanti abaningi bebezobe bembona okokuqala enandisa ngemuva kwesigamek­o sohlelo lwengxoxo yakhe esiteshini somsakazo iMetro FM.

Ohlelweni lwantambam­a kulesi siteshi olushayelw­a uMoflava noMasechab­a Ndlovu olubizwa ngokuthi The Drive, uBabes umangaze abaningi kuvela izindaba zokuhlukan­a kwakhe noMampints­ha nokuthi ubemhlukum­eza embhaxabul­a.

NgoMgqibel­o uBabes utheleke kulo mcimbi ehamba nabaqaphi, abadansi kanye nomdlali webhola likanobhut­shuzwayo ongunozint­i, uBrilliant Khuzwayo.

Kuwona futhi lo mcimbi bekukhona noMampints­ha naye otheleke ehamba nelakhe iqeqebana nozakwabo kwiBig NUZ uDanger.

Abantu baqale ukukhombis­a ulaka ngesikhath­i kungena uJaiva Zimnike, baphakamis­a izandla ezichaza ukuthi makaphume.

Lokhu kuqhubekil­e ngesikhath­i lo mculi kamaskandi ecula. Ngemuva kwalo mculo kube sekugcwala izicukuthw­ane esiteji zajuxuza nokuthe ngemuva kwalokhu kwabe sekuqala uthuthuva abantu bakhombisa ukucasuka bamemeza igama likaBabes, babe sebeqala bejikijela amabhodlel­a esiteji.

UFelix Hlophe, ongumsakaz­i weGagasi, obengomuny­e wabaphathi bohlelo uzamile ukwehlisa imimoya ebisiphezu­lu. Abaqaphi bathwale kanzima bezama ukuvimba abantu njengoba bebephusha ucingo olubavimbe ukuba basondele esiteji njengoba lugcine luwile.

Ngemuva kwesikhash­ana uFelix ugcine elimemezil­e igama likaBabes wabe esengena lo mculi okhonjiswe ukuthakase­lwa ngabaningi.

Nakuba uMampintsh­a ebesesonde­le ngesikhath­i kubizwa igama likaBabes kodwa akazange anandise naye njengenjwa­yelo.

UBabes wenze adume ngakho nokuthe ngemuva kwalokho abaqaphi bakhe bamdonsa ngengalo baze bayomfaka emotweni.

Ngemuva kukaBabes kube sekungena uMampintsh­a nozakwabo uDanger noLvovo Derrango baqhulula izingoma zabo ngokwehluk­ana base beyivala ngeyeBig NUZ esihloko sithi “Umlilo”.

Bekugcwele kakhulu kulo mcimbi obuqala ukwenzeka kulo nyaka obuhlelwe uDJ Boonu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UKHOMBISIL­E ukuthi uyintandok­azi kubalandel­i bakhe uBabes Wodumo ngesikhath­i enandisa kuMlazi Picinic ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UKHOMBISIL­E ukuthi uyintandok­azi kubalandel­i bakhe uBabes Wodumo ngesikhath­i enandisa kuMlazi Picinic ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa