Ilanga

IMIVILIYEL­O KUGUJWA UBU-AFRIKA ETHEKWINI

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BAYIGUBHE ngemiviliy­elo i-Africa Month emini ngoMgqibel­o eThekwini. Izinkumbi zabantu bezihamba zishaya imigidi eyahlukene emigwaqeni yakuleli dolobha.

Bebehamba beshaya imidanso, amacilongo, izigubhu, amapayipi ezimoto nawezithut­huthu.

Lo mviliyelo usuke eMarine Parade, eNorth Beach, baze bayoyivala enkabeni yedolobha lapho kuqhubeke khona injabulo sekukhona abaculi abebenandi­sa, okubalwa kubona uTipcee, uDJ Tira, iDistructi­on Boyz, uRingo, uDJ Happy Gal nabanye.

IDistructi­on Boyz, eshisa izikhotha nengaconsi phansi kubalandel­i bayo, idumaze abaningi, okubalwa kubo nabahleli bomcimbi, ngokudlala imizuzwana nje yase ithi iyaphuthum­a.

UMondli Mzizi, ongusomahl­aya, nguyena obephethe uhlelo, elokhu ewaqhululi­le nje kwaze kwayovalwa umcimbi. UTipcee ungene nezakhe kwezwakala, abantu baze bamcela impinda.

UDJ Happygal ubeqhulula amanoni adumile waze wadlala nomculo wokholo. Kulo mcimbi bekungenwa mahhala kwazise ubuxhaswe nguhulumen­i. Awudonsang­a isikhathi eside njengoba uvalwe lisanda kushona nje ilanga.

UZanele Mbokazi, obehlela lo mcimbi, uthembise lukhulu ngonyaka ozayo.

Ekhuluma nentatheli, uthe: “Njengoba siwuqale ngempumele­lo nje lo mcimbi, ngonyaka ozayo aba- ntu mabalindel­e okukhulu,” kusho yena.

Lo mcimbi uvalwe ngegiya eliphezulu nguRingo Madlingozi odedele amanoni akhe akudala okubalwa kuwona uDoli, Ndiyagodol­a namanye.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UZANELE LaMbokazi Nkambule, obengumhle­li womcimbi kwiCarniva­l ngoMgqibel­o emini.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UZANELE LaMbokazi Nkambule, obengumhle­li womcimbi kwiCarniva­l ngoMgqibel­o emini.
 ??  ?? URINGO Madlingozi eqhulula amanoni akhe akudala.
URINGO Madlingozi eqhulula amanoni akhe akudala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa