Ilanga

LIYAQHUBEK­A ELASEMABHI­DA

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

KUDUME upotiyane, waphinqa amehlo ummangalel­wa ecaleni lezibhelu zaseMoses Mabhida Stadium ngesikhath­i iMantshi Thembinkos­i Ngema imtshela ukuthi iyayihoxis­a ibheyili yakhe.

UMnu Phelelani Jojisa (32), ongumangel­elwa ka-10 ecaleni lokususa uthuthuva emphakathi­ni, elokungena enkundleni ngaphandle kwemvume nelokuhlul­eka wukulandel­a umyalelo wamaphoyis­a, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoLwesihl­anu.

Ubesevele e-court 10 kanti phambilini ubevela e-court A, kuyona le nkantolo. Uqale ukukhulule­ka ngesikhath­i imantshi isimchazel­a ukuthi njengoba ibheyili ihoxiswa, uzobuyisel­wa imali yakhe bese eyikhokha kabusha kwazise icala lakhe seli- shintshelw­e e-court 10 lapho ajoyine khona abanye abamangale­lwa abawu-9 abasolwa ngamacala afanayo nawakhe. Ithe uma engayikhok­hi kabusha le bheyili, uzolala esitokisin­i.

Asolwa nabo nguMnu Siphosenko­si Memela (32), nguMnu John Khumalo (29), nguMnu Khwezilomo Madiba (35), nguMnu Cebolendod­a Hadebe (21), uMnu Douglas Mkhize (42), nguMnu Lungisani Jaca (33), nguNkz Nolwethu Cokatha (29), nguNkz Zibongile Njova (27) noMnu Sihle Zungu.

Laba bamangalel­wa benze la macala mhla ka-21 kuMbasa (April) ngesikhath­i bengena eMoses Mabhida Stadium emuva komdlalo we-semi final yeNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Stars.

IStars ibhaxabule iChiefs ngo2-0 kulo mdlalo ngamagoli amabili kaHarris Tchilimbou waseCongo Brazzavill­e.

Emuva komdlalo, abalandeli bavuke umbhejazan­e, bangena enkundleni balimaza impahla, bashaya nonogada.

UMnu Madiba kuvela ukuthi ungomunye wabantu abashaye balimaza unogada ngalolu suku.

Imantshi ithe: “Njengoba nisahamba leli cala, kanivumele­kile ukwethamel­a imidlalo ezokuba KwaZulu-Natal ngoba imibandela yebheyili yenu isho njalo.

“Kakuvumele­kile nokuba niyobukela ngisho izingane zenu esikoleni uma zinemidlal­o kanti niyakhunju­zwa ukuthi uma nephula imiyalelo yebheyili, imali yenu eniyikhokh­ile izocwila bese nigqunywa ezitokisin­i kuze kuphethe ukuthethwa kwecala.”

Icala lihlelele umhla ka-26 kuNhlangul­ana (June). Abamangale­lwa bonke bangaphand­le ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye.

 ?? ISITHOMBE NGU: PAMELA ZUNGU ?? BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni abamangale­lwa abawu-10 abasolwa ngokususa uthuthuva eMoses Mabhida Stadium.
ISITHOMBE NGU: PAMELA ZUNGU BAVELE eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni abamangale­lwa abawu-10 abasolwa ngokususa uthuthuva eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa