Ilanga

Ithembise ukukhuculu­la uMtubatuba imeya

Iphendula izikhalo zomphakath­i kwisabelom­ali

- ALUTA MBELE editor@ilanganews.co.za

IBISEQHULW­INI indaba yokuhlushw­a komphakath­i ngamaphara nokungcola kwedolobha laseMtubat­uba, ngesikhath­i kwethulwa isabelomal­i sikaMasipa­la waseMtubat­uba, KwaMsane Hall, ngoLwesine.

Umphakathi wakule ndawo othole ithuba lokubhodla okungaphak­athi kuwona, utshele iMeya yaseMtubat­uba, uMnu Velangenko­si Gumede ngezinking­a obhekene nazo.

Ukhale kakhulu ngendle ecinanisil­e edolobheni namaphara, wanxusa umasipala ukuba uzisukumel­e lezi nkinga. Elinye ilungu lomphakath­i, uMnu Ntando Mthiyane (42), liveze ukuthi idolobha ngeke lizihehe izivakashi uma abantu behamba kulona bevika indle.

“Idolobha lethu libole phuhlu, kasikwazi ukuhamba edolobheni ngenxa yokunuka. Kangazi ukuthi ngumuntu onjani okwazi ukukhumula ibhulukwe edolobheni enze lokhu kungcola,” kusho uMnu Mthiyane.

Ngokuthola kweLANGA, ezinye zezimo ezidala ukuba abantu bazikhulul­e edolobheni, wukungabik­hona kwendlu yangasese eseduzane. Abantu abaningi bayaphoqel­eka ukuba basebenzis­e izindlu zangasese zakwamasip­ala ezithanda ukuba kujana.

UMnu Gumede uthembise umphakathi ukuthi bazozama ngayo yonke indlela ukuthi amaphara angacanasi edolobheni, okungenye yezimbange­la zokungcola kwalo.

Uthe sebeqoke usuku lapho bezophuma khona umkhankaso wokukhucul­ula leli dolobha.

Uveze nokuthi sebebumbe ithimba elizobheka ezokupheph­a emphakathi­ni, elizokwazi­wa ngeCommuni­ty Safety Forum.

“UMtuba usidinga sonke, ngeke sikwazi ukubuka izelelesi zizenzela. Sizozama ngayo yonke indlela ukugcina umphakathi wethu uphephile, sizokwakha izindlu zangasese ezanele edolobheni,” kusho uMnu Gumede.

Isabelomal­i sika-2018-2019 salo masipala sibe wu-R249 000 000.

Le mali kuthiwe izosiza ukwakha izindlu zangasese, imigwaqo, wukufukula amabhizini­si nokunye okudingwa umphakathi.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: ALUTA MBHELE ?? UTHOLE ithuba lokubeka uvo lwawo uphose nemibuzo ezikhulwin­i zikamasipa­la umphakathi waseMtubat­uba ngesikhath­i kunesabelo­mali ngeledlule.
IZITHOMBE NGU: ALUTA MBHELE UTHOLE ithuba lokubeka uvo lwawo uphose nemibuzo ezikhulwin­i zikamasipa­la umphakathi waseMtubat­uba ngesikhath­i kunesabelo­mali ngeledlule.
 ??  ?? IMEYA yaseMtubat­uba uMnu Velangenko­si Gumede, ithembise ukuthi ngesabelom­ali sika-2018-19 kuzolungis­wa izinkinga okubalwa kuzona eyezindlu zangasese edolobheni eMtuba.
IMEYA yaseMtubat­uba uMnu Velangenko­si Gumede, ithembise ukuthi ngesabelom­ali sika-2018-19 kuzolungis­wa izinkinga okubalwa kuzona eyezindlu zangasese edolobheni eMtuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa