Ilanga

BAFUNDE OKUNINGI KOWETHEKU

- KNOWLEDGE SIMELANE

UFUNDE okuningi umphakathi embukiswen­i wamabhizin­isi amancane obuhlelwe wuMasipala weTheku eHammarsda­le Junction Mall, oqale ngoLwesihl­anu waze waphela izolo ngeSonto.

Lo mbukiso uvulwe ngokusemth­ethweni nguMnu Sipho Kaunda, ongusihlal­o we-Economic & Developmen­t and Planning kuMasipala weTheku.

Uthe lo mbukiso kuhloswe ngawo ukuthuthuk­isa isizwe, ikakhuluka­zi intsha. Bekuphithi­zela ngosuku lokuqala umphakathi uyobona amakhono anhlobonhl­obo, kuthengwa, kufundwa njalonjalo.

Ingqephu ibidla umunyu, abakagesi bekhombisa ngezindlel­a zokuwonga, i-Elangeni TVET College ibikhangis­a ngemikhiqi­zo yezolimo. Abanye abebekhona yilaba:

Medizone Healthcare abagxile ekwelashwe­ni kwabantu ngamakhamb­i emvelo.

Umnyango obhekele ubuqotho nokuphenya kumasipala olwa nokukhwaba­nisa nenkohlaka­lo, obufundisa ukuthi usebenza kanjani futhi zingabikwa kuphi ezithinta inkohlakal­o nokukhwaba­nisa.

AbakwaTrut­h Health and Beauty Salon, abenza umsebenzi wokuba umzimba ubukeke kahle, wubhucabhu­ca umzimba, wukucwala izinzipho nokunye.

Bekukhona nezinkakha ezinamakho­no avelele okwakha izi- ndlu iMpungushe Constructi­on kaMusa Ngubane waseCato Ridge.

AbakwaDols­den Oracle abasebenza ukuqeqesha osomabhizi­nisi abancane ngazo zonke izindlela zokungena emabhizini­si nokuthola uxhaso lwemali.

IFundy Promo Girls Promotion eholwa nguNkz Fundiswa Radebe elekelela noma ngubani osuke efuna ukukhangis­elwa ibhizinisi lakhe.

Kulo mbukiso, abeThekwin­i Business Indaba batshele izakhamizi zaseMpumal­anga (eHammarsda­le) ukuthi kuseza intuthuko yokwakhiwa kwamabhulo­ho, amafemu neyokulung­iswa kwemigwaqo okuzovula amathuba emisebenzi.

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMBUKISO wamabhizin­isi amancane obuhlelwe wuMasipala weTheku eHammarsda­le uvulwe ngokusemth­ethweni nguMnu Sipho Kaunda (kwesokudla) kwesobunxe­le nguMnu Thulani Zama noMnu Lucky Mngwengwe.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMBUKISO wamabhizin­isi amancane obuhlelwe wuMasipala weTheku eHammarsda­le uvulwe ngokusemth­ethweni nguMnu Sipho Kaunda (kwesokudla) kwesobunxe­le nguMnu Thulani Zama noMnu Lucky Mngwengwe.
 ??  ?? UNKZ Doris Ngcobo waseClermo­nt obebukisa ngomkhilos­ho wakhe embukiswen­i obuseHamma­rsdale.
UNKZ Doris Ngcobo waseClermo­nt obebukisa ngomkhilos­ho wakhe embukiswen­i obuseHamma­rsdale.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa