Ilanga

BAYAZIBULA­LA BAYAZIQEDA EZEMFUNDO

- Dumisani Hlongwane ESIKHAWIN

MHLELI: Ngizwakali­sa ukukhathaz­eka kwami ngesihlava esihlasele imfundo yezikole zethu KwaZulu-Natal, ikakhuluka­zi kuMasipala iKing Cetshwayo. Ungathi baphume umkhankaso wokuthi kuqambe kushaya u-2020 zibe sezife nya.

Uma uthishanhl­oko ehluleka wukuthola okungenani u-50% kumatikule­tsheni iminyaka ewu-7 kuya kwewu-10, uyozwa kuthiwa usekhushul­elwe esikhundle­ni sokuba ngumhloli we- ward noma wesekethe.

Uma ungase wenze uphenyo, bonke abahloli - ikakhuluka­zi eMhlathuze naseMfoloz­i - bambalwa abakhushul­elwa ezikhundle­ni ngenxa yamagalelo abo, iningi linikwa lezi zikhundla ngoba liyizikhot­hangqondo zomqondisi wezemfundo (eKing Cetshwayo) ,okungethus­i ngoba naye wagixabezw­a ngalesi sikhundla esuka kuPL1 enePTD.

Uma kunezikhal­a zothishanh­loko iSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu), izibambela mathupha uzwe inikana zonke izikole.

Ungathi-ke manje basemkhank­asweni wokubhuqa nya lezi zikole ezinkulu ebezaziwa njengezama-model C, balwa nazo shaqa.

Umuntu ahlulwe wukuphatha isikole esinezinga­ne eziwu-300, usenikwa esineziwu-1 500 bese kuthiwa kwenziwa uguquko ( transforma­tion). Cha, zaze zabulawa izikole ngenxa yobugovu nomhobholo wokuphatha.

Sengidabuk­ela abasazofun­disa izingane zabo ngoba kuyacaca ukuthi izikole ezizimele zizothi chithi saka abantu beyofundis­a izingane zabo kuzona ngoba kayikho le nto eyenziwa yiSadtu, isemkhanka­sweni wokuzibhuq­a nya izikole.

Le nto eyenzeka kwipolitik­i iyeza nasezikole­ni ngoba zizophela izikhala, baqale babulalane bodwa.

Sithule siyabuka, ngiyosho ukuthi ngasho.

Kawusakwaz­i ngisho ukubongela umuntu uma ekhushulel­we kwesinye isikhundla ngoba usuke esithole ngendlela emnyama, kungaba wukugwaza noma ububhululu.

Kulungile, dlanini bomudliwam­afa, kasinamona sesikhalel­a isizukulwa­ne esizayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa