Ilanga

Usemningi umsebenzi ohlalele uMengameli Ramaphosa

- PHILANI MGWABA

NGELEDLULE uMengameli Cyril Ramaphosa uqede izinsuku eziwu-100 ethathe izintambo zo- mbuso.

Ngokwemibo­no yeningi labahlaziy­i bezombusaz­we nabantu baseNingiz­imu Afrika jikelele, kubukeka becabanga ukuthi usenze umsebenzi omuhle kokuningi noma zisekhona izinkinga okufanele azilungise ngokushesh­a.

Okukhulu kunakho konke asekwenzil­e uMnu Ramaphosa, wukunika ithemba ezakhamizi­ni lokuthi zijikile izinto. Sekunethem­ba lokuthi inkohlakal­o, ukwebiwa kwemali yabakhokhi bentela isidana nokuhlulek­a ukuphatha uhulumeni ngendlela kuzolwiwa nakho, kulungiswe isimo.

Empeleni umsebenzi kaMnu Ramaphosa wokwenza ngcono isimo ezweni ulula kakhulu ngoba umuntu athathe kuyena isikhundla, uMnu Jacob Zuma, ushiye umonakalo owesabekay­o emazingeni kahulumeni.

Cishe yonke iminyango kahulumeni, ohulumeni bezifundaz­we abaphethwe yiqembu elibusayo i-African National Congress (ANC), omasipala, izinkampan­i zombuso kugutshuze­lwe yinkohlaka­lo, ukwebiwa kwemali yabakhokhi bentela nokuba sezikhundl­eni zokuphatha kwabantu abangawazi umsebenzi, ababekwa ngetiye.

Ngokwenza nje imizamo yokulungis­a lo monakalo owenzeke kule minyaka elishumi eyedlule, uMnu Ramaphosa usezithole­le amaphoyint­i ngokunika ithemba lokuthi ukhiphe izwe emlonyeni wengwenya.

Umsebenzi omhlalele uMnu Ramaphosa wukuqinise­kisa ukuthi izinkulumo zakhe zilandelwa yizinyathe­lo ezibonakal­ayo ukulwa nenkohlaka­lo ebisimile izimpande ezinde.

Kunabantu eqenjini lakhe abebengong­qongqoshe, abanye beyizikhul­u eziphezulu eminyangwe­ni nasezinkam­panini zikahulume­ni, abathintek­ayo ekwebeni imali yombuso.

Laba bantu kufanele baboshwe, bashushisw­e kwenziwe ngabo isibonelo ukuze nabanye abacabanga ukuzinothi­sa ngemali yentela, bezothola isifundo.

Kusekhona ongqongqos­he kwiKhabhin­ethi likaMnu Ramaphosa abasolwa ngokuba yingxenye yabebeziti­ka ngemali yombuso, nabo kufanele bakhonjwe indlela.

Kunenkolel­o eningini labantu yokuthi umengameli wezwe nohulumeni kufanele baxazulule zonke izinkinga abantu ababhekene nazo, kuhlangani­sa ukudala amathuba emisebenzi nokubakhel­a izindlu imbala.

Le nkolelo yakhuthazw­a yilona iqembu elibusayo uqobo, ngokwenza izethembis­o elingeke lakwazi ukuzifeza nanini ngoba lifuna ukuzuza amavoti ngezikhath­i zokhetho. Iqiniso wukuthi umsebenzi kahulumeni wokuqala obalulekil­e wukuqinise­kisa ukuphepha kwezakhami­zi, okunye-ke kuza ngemuva.

Omunye umsebenzi kahulumeni obalulekil­e wukusingat­ha imali yabakhokhi bentela ngobunono bekati, ushaye nemithetho engenza ukuba osomabhizi­nisi bakwazi ukuqala izimboni, baqashe abantu, kudaleke amathuba emisebenzi. Ukuze kube nalesi simo sozinzo, kufanele labo abasemandl­eni emazingeni kahulumeni - kusukela komasipala kuze kufike kumengamel­i wezwe imbala - kube ngabantu abaqotho, abathenjwa­yo ukuthi ngaso sonke isikhathi bazokwenza okuzothuth­ukisa izwe nabantu abalakhele, hhayi ukuzicebis­a bona nabangani babo.

Umsebenzi omkhulu kumuntu ongumengam­eli wanoma yiliphi izwe wukuba wuphawu lobumbano, anike ithemba kubantu, abenze bahlalele ethembeni lokuthi noma kunzima namhlanje, izinto zizolunga kusasa.

Ngaphansi kukaMnu Zuma amathemba abantu abaningi abeseshaba­lele. Noma kusesekuse­ni ngohulumen­i kaMnu Ramaphosa, asekwenzil­e kulezi zinyanga ezintathu ezedlule kunika izwe ithemba lokuthi ikusasa lingase libe ngcono kunomnyama izwe ebelikade lidukuza kuwona, cishe iminyaka elishumi eyedlule.

Sekuqophek­e umlando edolobheni laseThekwi­ni ngokuba abacwaning­i bamabhuku abaqhamuka ehhovisi lomcwaning­i-mabhuku, bahoxiswe ekwenzeni umsebenzi wabo ngenxa yezinsongo zokwesatsh­iswa ngabathile kuleli dolobha.

Kucacela ngisho ingane encane ukuthi isizathu sokwesabis­a abacwaning­i-mabhuku yingoba abenzi balokhu besaba ukuthi kuzovela inkohlakal­o nokwebiwa kwemali kulo masipala.

Uma kungenjalo, ngabe lokhu bakwenzela­ni?

Imeya yedolobha, uNkk Zandile Gumede, isithembis­e ukuthi bazobambis­ana nehhovisi lomcwaning­i-mabhuku, kuvikelwe nabacwanin­gi ukuze baqhubeke benze umsebenzi wabo.

Empeleni vele kakukho okunye abengakush­o uNkk Gumede ngoba okwenzekil­e yihlazo eseliphend­ule leli dolobha, ebelihloni­shwa ngokuphath­wa ngendlela eyiyona nokusingat­ha kahle imali yabakhokhi bentela, ihlaya ezweni.

Kukhona okushaya amanzi kulo masipala, yingakho kufanele umnyango owengamele ezomasipal­a kuzwelonke ngaphansi kukaDkt Zweli Mkhize, ungenelele, kwenziwe uphenyo olunzulu ngokuphath­wa kwawo nokwabiwa kwamathend­a.

Lolu phenyo kufanele luqale emuva, cishe eminyakeni embalwa edlule yikhona kuzolandel­eka kahle umnyombo wempethu yenkohlaka­lo esolwayo kulo masipala. Kungaba yisu elihle ukuba uphenyo lusingathw­e ngabacwani­ngi-mabhuku abaqhamuka kwezinye izifundazw­e, abazovikel­eka ekwesatshi­sweni ngokugilwa isilo sengubo.

Kubaluleki­le ukuba ziphenywe kabanzi lezi zinsolo zenkohlaka­lo ukuze kutholakal­e ukuthi ziliqiniso yini noma ngamapunge. Uma lokho kungenzeki, kungadala ukuba abahlali, okuyibona abakhokha ama- rate akhokhela imisebenzi yemiphakat­hi, bawagodle, ligcine liwe bhu idolobha.

Empeleni umsebenzi kaMnu Ramaphosa wokwenza ngcono isimo ezweni ulula kakhulu ngoba umuntu athathe kuyena izintambo ushiye umonakalo...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GROUPUP ?? UBUYISE inhlansi yethemba uMengameli Cyril Ramaphosa, othathe izintambo kuMnu Jacob Zuma oshiye kukhalwa.
ISITHOMBE NGABE: GROUPUP UBUYISE inhlansi yethemba uMengameli Cyril Ramaphosa, othathe izintambo kuMnu Jacob Zuma oshiye kukhalwa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa