INigeria ithwele amathemba e-Afrika
NAMUHLA sibheka uGroup D okungelinye lamaqoqo aqinile kwiNdebe yoMhlaba yanonyaka eqala mhla ka-14 kuNhlangulana (June) isongwe mhla ka-15 kuNtulikazi (July) eRussia. Kuleli qoqo kuboshelwe i-Argentina, i-Iceland, iCroatia neNigeria. I-Argentina kulindeleke ukuba idlulele esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano ngenxa yokuba nesipiliyoni kuwona. I-Argentina yiyona ethwelwe ngeqoma ukudla ubhedu kuleli qoqo. Leli lizwe ligabe ngenqwaba yabadlali asebemnkantshubomvu, futhi abadlala kumaligi ahlonishwayo emhlabeni. I-Argentina ingelinye lamazwe alindeleke ukulwela ukunqoba lo mqhudelwano nonyaka.
Ihlulwe yiGermany kowamanqamu ngo-2014 eBrazil. Leli lizwe belidlala ingcwenga yebhola kulo mqhudelwano kungafani nango2010 emqhudelwaneni obulapha eNingizimu Afrika.
Okuthusayo ngesikwati sokugcina se-Argentina esiya kwiNdebe yoMhlaba, wukushiywa ngaphandle kukaMauro Icardi ogijima kwi-Inter Milan yase-Italy. Lo mdlali uvalele amagoli angu-29 ngesizini esanda kusongwa.
Nokho-ke uJorge Sampaoli ongumqeqeshi weqembu lesizwe, uke washo phambilini ukuthi uzothusa abaningi nxa esememezela isikwati. Ushilo ukuthi kungenzeka amshiye ngaphandle u-Icardi ngoba udlala kahle e-Italy, kodwa udonsa kanzima ukungena khaxa ebholeni lase-Argentina.
Lesi sikwati kulindeleke ukuba siphinde sithembele kuLionel Messi osanda kudla ubhedu neBarcelona kwiSpanish La Liga.
Lo mdlali nguyena ohlale elithemba le-Argentina njengoba ekwazi ukwenza izinto zenzeke. Ukunqoba kweManchester City yase-England indebe yeEnglish Premiership, akungatshazwa ukuthi kuzokwenza uSergio Aguero wakhona e-Argentina ukuba afike kulo mqhudelwano ethelwe ngezibonkolo, ekubeni usefomini enhle uCristian Pavon weBoca Juniors yase-Argentina.
Leli lizwe lisayinqobe amahlandla amabili iNdebe yoMhlaba njengoba lidle ubhedu ngo-1978 nango-1986. Yize ibhekwe ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano i-Argentina, kodwa kubukeka kuzoyishaya kakhulu ukulimala kukaSergio Romero ongunozinti weManchester United yase-England.
I-Argentina izozwana amandla neHaiti mhla ka-29 kwephezulu, kanti kowokuvula kwiNdebe yoMhlaba izodudulana ne-Iceland mhla ka-16 kuNhlangulana. I-Argentina iteketiswa ngele-La Albiceleste.
Sesisonke isikwati sabadlali abangu-22 be-Argentina abaya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelwe kanje, onozinti: Franco Armani noWilly Caballero.
Abasemuva: Gabriel Mercado, Federico Fazio, Nicolas Otamendi, Cristian Ansaldi, Nicolas Tagliafico noMarcos Rojo.
Abasesiswini: Ever Banega, Javier Mascherano, Eduardo Salvio, Lucas Biglia, Angel Di Maria, Gio Lo Celso, Manuel Lanzini, Maxi Meza noMarcos Acuna.
Abagadli: Lionel Messi, Sergio Aguero, Gonzalo Higuain, Cristian Pavon noPaulo Dybala. INigeria ingelinye lamazwe okulindeleke ukuba andizisele phezulu ifulegi lase-Afrika kulo mqhudelwano. INigeria inenhlanhla yokungena kule midlalo, kodwa kayikaze ifinyelele kuma- quarter final.
Idlale kahle emidlalweni yango2014 eBrazil kodwa yakhishwa esigabeni se- last 16 yi-Argentina kuba ngu-3-2. INigeria ibukeka isefomini njengoba idlale kahle emidlalweni yokuhlunga ebiboshelwe kuyona neZambia, iCameroon neAlgeria.
Leli lizwe kalithuki isisinga kwiNdebe yoMhlaba njengoba libe yingxenye yayo ngo-1994, ngo-1998, ngo-2002, ngo-2010 nango-2014.
INigeria kulindeleke ukuba ikufake ukushisa kuleli qoqo njengoba igabe ngabadlali abagijima kumaligi ahlonishwayo emhlabeni.
UGenor Rohr waseGermany ololonga iSuper Eagles, kulindeleke ukuba athembele kakhulu kubadlali okubalwa kubona uVictor Moses weChelsea, u-Alex Iwobi we-Arsenal, uWilfred Ndidi weLeicester City okungamakilabhu aseEngland nabanye abaningi.
Okuhle ngalesi sikwati wukuthi sibophele nomdlali ogijima kwiPremier Soccer League (PSL), uDaniel Akpeyi ongunozinti weChippa United. Lo mdlali nguyena kuphela kwabagijima kwiPSL ozobamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba yanonyaka.
INigeria iteketiswa ngeleSuper Eagles.
Isikwati esisazohlungwa seNigeria esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelwe kanje, onozinti: Francis Uzoho (Deportivo La Coruna); Ikechukwu Ezenwa (Enyimba FC); Daniel Akpeyi (Chippa United) noDele Ajiboye (Plateau United).
Abasemuva: Abdullahi Shehu (Bursaspor FC); Tyronne Ebuehi (Ado Den Haag); Olaoluwa Aina (Hull City); Elderson Echiejile (Cercle Brugge KSV); Brian Idowu (Amkar Perm); Chidozie Awaziem (Nantes FC); Willi-am Ekong (Bursa-spor FC); Leon Balogun (Mai-nz); Kenneth Omeruo (Kasimpasa FC) noStephen Eze (Lokomotiv Plovdiv).
Abasesiswini: Mikel John Obi (Tianjin Teda); Ogenyi Onazi (Trabzonspor FC); Wilfred Ndidi (Leicester City); Oghenekaro Etebo (Las Palmas); John Ogu (Hapoel Beíer Sheva); Uche Agbo (Standard Liege); Joel Obi (Torino FC) noMikel Agu (Bursaspor FC).
Abagadli: Ahmed Musa (CSKA Moscow); Kelechi Iheanacho (Leicester City); Moses Simon (KAA Gent); Victor Moses (Chelsea FC); Odion Ighalo (Changchun Yatai); Alex Iwobi (Arsenal); Junior Lokosa (Kano Pillars) noSimeon Tochukwu Nwankwo (Crotone). ICroatia ingelinye lamazwe okulindeleke ukuba ashubise umbango kuleli qoqo. Leli lizwe lisaphuthwe kanye yimidlalo yeNdebe yoMhlaba selokhu lamukelwa yiFifa.
Belingekho eNingizimu Afrika ngo-2010. ICroatia ibukeka ikhula ebholeni njengoba iqale ukubamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba ngo-1998 eFrance, kanti neBafana Bafana iqale ukudlala kulo mqhudelwano ngonyaka ofanayo.
ICroatia kulindeleke ukuba ithembele kuLuka Modric ogijima kwiReal Madrid yaseSpain. Le kilabhu ibibhekene neLiverpool yaseEngland kowamanqamu we-Uefa Champions League ngoMgqibelo ebusuku eKiev, e-Ukraine.
Lo mdlalo unqotshwe yiReal Madrid ngo 3-1. ICroatia izovula iNdebe yoMhlaba neNigeria mhla ka-17 kuNhlangulana bese ilandelisa nge-Argentina mhla ka-21, kanti izovala ne-Iceland mhla ka 26 enyangeni efanayo.
ICroatia ilolongwa nguZlatko Dalic, kanti iteketiswa ngeleVatreni.
Isikwati seCroatia esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelwe kanje, onozinti: Danijel Subasic (Monaco/ FRA), Lovre Kalinic (Gent/ BEL) no- Dominik Livakovic (Dinamo Zagreb).
Abasemuva: Vedran Corluka (Lokomotiv Moscow/RUS), Domagoj Vida (Besiktas/TUR), Ivan Strinic (Sampdoria/ITA), Dejan Lovren (Liverpool/ENG), Sime Vrsaljko (Atletico Madrid/ESP), Josip Pivaric (Dinamo Kiev/UKR), Tin Jedvaj (Bayer Leverkusen/GER), Matej Mitrovic (Club Brugge/BEL) noDuje Caleta-Car (Salzburg/AUT).
Abasesiswini: Luka Modric (Real Madrid/ESP), Ivan Rakitic (Barcelona/ESP), Mateo Kovacic (Real Madrid/ESP), Milan Badelj (Fiorentina/ITA), Marcelo Brozovic (Inter Milan/ITA) noFilip Bradaric (Rijeka) Abagadli: Mario Mandzukic (Juventus/ITA), Ivan Perisic (Inter Milan/ITA), Nikola Kalinic (AC Milan/ITA), Andrej Kramaric (Hoffenheim/GER), Marko Pjaca (Schalke/GER) no-Ante Rebic (Eintracht/GER). Akukho okutheni okulindeleke kwi-Iceland njengoba izokube iqala ukubamba iqhaza kwiNdebe yoMhlaba. Ukudidiyelwa eqoqweni elilodwa namazwe asejwayele ukubamba iqhaza njenge-Argentina, iNigeria neCroatia, kwenza abe mfiliba amathuba okuthi kube khona ekwenzayo okubambekayo. I-Iceland ilolongwa nguHeimir Hallgrimsson, kanti iteketiswa ngele-Strakarnir Okkar (Our Boys). Ukuzicijela le midlalo, i-Iceland ihlele imidlalo yobungani emibili ezoyigijima neNorway mhla ka-2 kuNhlangulana bese iphinda idudulana neGhana mhla ka-7 enyangeni efanayo. Isikwati se-Iceland esiya kwiNdebe yoMhlaba sididiyelwe kanje, onozinti: Hannes Halldorsson (Denmark, Randers), Frederik Schram (Denmark, Roskilde) noRunar Alex Runarsson (Denmark, Nordsjalland). Izitobha: Birkir Mar Sevarsson (Iceland, Valur), Samuel Friojonsson (Norway, Valerenga), Sverrir Ingi Ingason (Russia, Rostov), Ragnar Sigurosson (Russia, Rostov) Kari Arnason (Iceland, Vikingur) Holmar Orn Eyjolfsson (Bulgaria, Levski Sofia), Horour Bjorgvin Magnusson (England, Bristol City), Ari Freyr Skulason (Belgium, Lokeren). Abasesiswini: Johann Berg Guomundsson (England, Burnley), Birkir Bjarnason (England, Aston Villa), Gylfi Sigurosson (England, Everton), Olafur Ingi Skulason (Turkey, Kardemir Karabukspor), Aron Gunnarsson (Wales, Cardiff City), Rurik Gislason (Germany, Sandhausen), Emil Hallfreosson (Italy, Udinese), Arnor Ingvi Traustason (Sweden, Malmo). Abagadli: Albert Guomundsson