Sibizwe ngebhinca isikhulu sezemidlalo
Sithole umqhafazo esingawazi kubhuntsha umjaho
SITHOLE umqhafazo osibiza ngebhinca isikhulu ebesihlele umjaho obhuntshe ngemizuzu yokugcina, iKing Msinga Memorial 10km Challenge obekumele ugijinywe izolo ngeSonto usukela eSithumba usongwe eManzolwandle Sports Ground, KwaXimba.
Umdidiyeli walo mjaho, uMhlengi Maxase, utshele ILANGA ukuthi usola ipolitiki yabathile ngokubhuntsha komjaho. Uthe ngemuva kokuba umjaho ubhuntshile uthole umqhafazo othi:
“Sho ntwana, sibadala kwipolitiki, ngeke balunge. Lokhu okwenzekile bekungaqondisiwe kuwena. Siyaxolisa ukuthi kugcine kuphazamiseke umjaho wakho, bekukhona esibaqondile.
“Siyaxolisa, uzokhula ubhukude namanye amadoda, asizozwa ngamabhinca alapha, khula mfo ungapheli amandla.”
Uthi uma ezama ukufonela le nombolo ucingo kalungeni. Ube esexolisa kubo bonke abagijimi abebezokuba yingxenye yalo mjaho, abagcine sebephindela emuva bengagijimanga. Uthi uzokhulumisana neKZNA ukubona ukuthi angenze njani ngokuzayo.
USimphiwe Zulu ongomunye wabasubathi abebeyingxenye yalo mjaho, uthe uphatheke kabi ka- khulu ngokuhambela ubala. Uthi kodwa uyajabula ngoba babuyise- lwe imali abebejoyine ngayo.
Ikhansela lendawo, uMusa Mkhize, usole abadidiyeli bomjaho ngokungahleli izinto kusenesikhathi. Uthi uyavumelana neKZN A ukuba iwuhoxise umjaho ukubhekelela ukuphepha kwabagijimi.
Uthi uzimisele ukusebenzisana nabo ukuze lo mjaho uzokuba yimpumelelo. Mayelana nomqhafazo othunyelelwe uMhlengi, uthe ubengakawuboni.
IMenenja yeKZNA, uGoodman Cele, ithe iphutha libe ngakubadidiyeli bomjaho ngokungahleli izinto kusenesikhathi.
Uthi yize ibikhona imali yokukhokhela abagijimi kodwa bekunzima ngakubona ngoba bebengawazi nomzila womjaho.
Unxenxe amakilabhu ahlela imijaho ukuba aqale amalungiselelo kusasele izinyanga eziyisithupha ukugwema ukuphoxeka.
Siyaxolisa, uzokhula ubhukude namanye amadoda...