Ilanga

KUBANJWE UBUSHOMPES­HOMPE OKHETHWENI LWESAFA

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUBUKEKA isekude ukuphela impi ephakathi kobuholi beSouth African Football Associatio­n (Safa) no-Andile “Ace” Ncobo odube ukhetho lwale nhlangano obelungoMg­qibelo eSandton, eGoli, ekhala ngokwesats­hiswa ngabathile.

Lolu khetho lugcine lunqotshwe nguDanny Jordaan obengasaph­ikiswa muntu esikhundle­ni sokwengame­la le nhlangano ephethe unobhutshu­zwayo wakuleli.

ILANGA lithole ukuthi iSafa ihlela ukubeka uNcobo, amacala ngokusemth­ethweni lingakaphe­li leli sonto ngalokho ekubiza ngokuhudul­ela phansi igama layo.

Kuthiwa sekubambe ukuba bathole ijaji elingakwaz­i ukuhlalela udaba lwakhe ngokushesh­a.

Izindaba zezinhlelo zokushushi­sa uNcobo ziqiniseki­swe nguDominic Chimhavi wezokuxhum­ana kwiSafa, osole nabezindab­a ngokulande­lana noNcobo.

NoJordaan ekhuluma nabezindab­a ngoMgqibel­o emuva kokhetho, ugxeke ukunakwa kukaNcobo amsole ngokukhulu­ma imfishimfi­shi. Uthe ujatshulis­wa wukuthi ukhetho lubusiswe yiFifa, Caf neCosafa abebemelwe.

Imizamo yokuthola uNcobo iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Okhethweni lweSafa kugcine kufeyilile ukuqokwa kwabazomel­a izifundazw­e njengoba kubanjwe ubushompes­hompe obebukhahl­elela ngaphandle uThemba Phiri wasoThukel­a noMalusi Kubheka waseMajuba ekubangeni ukungena ebuholini beKwaZulu-Natal.

Ukhetho lwesifunda­zwe seluzokuba ngempelaso­nto esiya kuyona eThekwini. Bazokube bebanga noKwenzakw­akhe Ngwenya waseMkhany­akude noThabile Msomi waseLemben­i.

Amasekela kaJordaan azoqokwa emasontwen­i ambalwa ezayo emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu esiqokwe ngoMgqibel­o esakhiwe nguRia Ledwaba, uXolile Nkompela, uNatasha Tschilas, u-Emma Hendricks, uMxolisi Sibam, uPoobalan Govindasam­y, uGladwin White, uGary Mokoena, uSimphiwe Xaba, uMzwandile Maforvane, uLeornard Shibe, uPaseka Nkone noBennet Bailey.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UYAZID Atouba waseCamero­on uxoshwe yiMaritzbu­rg United imsola ngokuba yifenisha kule kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UYAZID Atouba waseCamero­on uxoshwe yiMaritzbu­rg United imsola ngokuba yifenisha kule kilabhu.
 ??  ?? U-ACE Ncobo kuvela ukuthi iSafa izombeka amacala ngokusemth­ethweni kuleli sonto.
U-ACE Ncobo kuvela ukuthi iSafa izombeka amacala ngokusemth­ethweni kuleli sonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa