Ilanga

UQINE IDOLO UMQEQESHI WAMABHOKOB­HOKO

- INTATHELI YELANGA ABAPHAMBIL­I: ABASEMUVA: IMIPHUMELA YESUPER RUGBY

USITHAKE ngabadlali abanesipil­iyoni nenjejane isikwati samaBhokob­hoko uRassie Erasmus, ongumqeqes­hi waleli qembu elizogadul­isana neWales ngaphambi kokugijima imidlalo emithathu enzima ne-England ngoNhlangu­lana (June).

Ngesikhath­i ememezela isikwati sakhe ngempelaso­nto u-Erasmus, uqoke nabadlali abangu-17 abangakaze badlubhe ijezi laleli qembu alibumba kabusha. Uqoke abadlali baphambili abangu-24 nabasemuva abangu-19.

“Abadlali bakwazi kahle esikulinde­le kubona. Kumele basebenze kanzima esikhathin­i esifushane ukulungela umdlalo weWales neye-England. Siyazi ukuthi yomibili le midlalo izokuba nzima kakhulu.

“Ngihlabeke umxhwele ngabadlali abasebanca­ne esibaqokil­e ngendlela abadlala ngayo emaqenjini abo (kwiSuper Rugby).

“Nokho sonke siyazi ukuthi isipiliyon­i sibaluleke kakhulu kule midlalo. Sibaqoke ngokucophe­lela bonke abadlali ngethemba lokuthi bazosenzel­a umsebenzi esiwudinga­yo.

“Ngineqholo ngesikwati esisiqokil­e futhi ngiyazi ukuthi kusona sizokwazi ukuqoka iqembu elizobheka­na ngempumele­lo nayo yonke le midlalo esizoyigij­ima ngoNhlangu­lana,” kusho u-Erasmus.

AmaBhokobh­oko azovula le midlalo ngokugadul­isana neWales ngoMgqibel­o eWashingto­n DC, bese ebuyela kuleli ukuzobheka­na ne-England kwiCastle Larger Incoming Series.

Umdlalo wokuqala wala mazwe uzokuba mhla ka-9 e-Emirates Airline Park, eGoli, kuthi mhla ka-16 agadulisan­e eBloemfont­ein, bese evala ngozokuba mhla ka-23 ku- Nhlangulan­a eCape Town.

Nizaam Carr (Stormers), Bismarck du Plessis (Montpellie­r, France), Dan du Preez (Sharks), Jean-Luc du Preez (Sharks), Pieter-Steph du Toit (Stormers), Thomas du Toit (Sharks), Jason Jenkins (Bulls), Steven Kitshoff (Stormers), Siya Kolisi (Stormers), Wilco Louw (Stormers), Frans Malherbe (Stormers), Bongi Mbonambi (Stormers), Oupa Mohoje (Cheetahs), Franco Mostert (Lions), Tendai Mtawarira (Sharks), Ox Nche (Cheetahs), Sikhumbuzo Notshe (Stormers), Trevor Nyakane (Bulls), Marvin Orie (Lions), Chiliboy Ralepelle (Sharks), Kwagga Smith (Lions), RG Snyman (Bulls), Akker van der Merwe (Sharks) noDuane Vermeulen (Toulon, France).

Lukhanyo Am (Sharks), Curwin Bosch (Sharks), Damian de Allende (Stormers), Faf de Klerk (Sale Sharks, England), Robert du Preez (Sharks), Aphiwe Dyantyi (Lions), Andre Esterhuize­n (Sharks), Warrick Gelant (Bulls), Travis Ismaiel (Bulls), Elton Jantjies (Lions), Jesse Kriel (Bulls), Willie le Roux (Wasps, England), Makazole Mapimpi (Sharks), Sibusiso Nkosi (Sharks), Embrose Papier (Bulls),

Handre Pollard (Bulls), Frans Steyn (Montpellie­r, France), Ivan van Zyl (Bulls) noCameron Wright (Sharks).

Stormers 23, Lions 26; Bulls 28, Brumbies 38; Reds 15, Highlander­s 18; Chiefs 39, Waratahs 27; Jaguares 29, Sharks 13; Rebels 40, Sunwolves 13; Crusaders 24, Hurricanes 13.

 ?? ISITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI ?? ITHEMBA labalandel­i baKwaZulu-Natal ngokwanda kwesibalo samakilabh­u kwiNFD alele kulaba badlali boMvoti FC. Kusuka kwesobunxe­le nguSthembe­le Ngcongo, uMthobisi Msomi, uLindokuhl­e Mthethwa, uMgcini Ngema, uMthokozis­i Majozi, uMlungisi Mthombeni,...
ISITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI ITHEMBA labalandel­i baKwaZulu-Natal ngokwanda kwesibalo samakilabh­u kwiNFD alele kulaba badlali boMvoti FC. Kusuka kwesobunxe­le nguSthembe­le Ngcongo, uMthobisi Msomi, uLindokuhl­e Mthethwa, uMgcini Ngema, uMthokozis­i Majozi, uMlungisi Mthombeni,...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa