Ilanga

SEBELAMUKE­LE IZEMBE KWI-PSL

- SENZO SOKHELA

IPLATINUM Stars izobamba umhlangano namuhla ngoMsombul­uko ngenhloso yokuqala amalungise­lelo okuyodlala kwiNationa­l First Division (NFD) yize isenalo ithuba lokuqhubek­a nokudlala kwi-Absa Premiershi­p.

IPlatinum ishayane yaze yabukana neBlack Leopards kuba ngu2-2 kowama- play off ngoMgqibel­o ebusuku eMoruleng Stadium, eRustenbur­g.

IPlatinum bekufanele iwunqobe lo mdlalo uma ifuna ukuzibona inethuba lokuqhubek­a nokudlala kwi-Absa Premiershi­p.

Kufanele iPlatinum imincele ukuthi iJomo Cosmos ihlule iLeopards ngoLwesith­athu ngo-15h00 eThohoyand­ou Stadium, bese yona izihlulela iCosmos emdlalweni wokugcina ozokuba ngoMgqibel­o ntambama eGauteng.

ILANGA lithole ukuthi uRoger De Sa ongumqeqes­hi ophinde abe ngumnikazi wePlatinum, ubize umhlangano ophuthumay­o ozokuba namuhla ngoMsombul­uko ntambama eRustenbur­g.

Kuthiwa kulo mhlangano uzoxoxa ngokufuduk­a kwale kilabhu njengoba isihamba eRustenbur­g, nokuthi kuncishisw­e imiholo yabadlali abazimisel­e ngokuya nale kilabhu kwiNFD.

Kuthiwa uzophinde axoxe nomsizi wakhe, uMilton Dlamini ngokumehli­sela umholo kwazise ufuna ukuqhubeka nokusebenz­a naye. Nokho abazazi zonke bathi uDlamini angase avumbuke kwiMbombel­a United okuthiwa imfuna uthuli.

Leli phephandab­a libuza uDe Sa ngalolu daba, uthe:

“Izibalo ziyavuma kodwa amathuba mancane kakhulu yingakho kufanele siqale sibe senza amalungise­lelo okuyodlala kwiNFD.”

ILeopards iqhwakele ngamaphuzu angu-5 emidlalwen­i emithathu, iCosmos iyisibili ngamabili emidlalwen­i emibili kuthi iPlatinum ibambe ibhuleki kwi-log ngamaphuzu amabili emidlalwen­i emithathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa