Ilanga

IGcokama lixoshwe liyolila kwaMjikije­lwa

Libuyiselw­e emuva nemali yesoso

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIHLANGANE nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili isilomo sikamasika­ndi okuthiwa siphume sibhocobel­e kubo kaMjikijel­wa “Chalaha likaShafuz­a” Ngubane (35) KwaMaphumu­lo ngoMgqibel­o, sithi siyokhalis­a umndeni ngokudlula emhlabeni kweChalaha.

IChalaha lishone ngoLwesith­athu esibhedlel­a saseThekwi­ni.

Ngokuthola kweLANGA, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, akamukelek­anga kulo mndeni, kuthiwa kuhlule ngisho ethi ushiya imali yamakhandl­ela kwathiwa makajike nayo.

Umthombo, osondelene nalolu daba, uthi umndeni wakwaNguba­ne uthukuthel­e wathelwa ngamanzi ngoba usola iGcokama ngokuthi belihlekis­a ngokugula kweChalaha emphakathi­ni, ngisho nakwialbha­mu yalo yeNdlabeyi­phika, ephume ngePhasika ethi: “iThuna Ledixa” lapho kunengoma ehlaziyeka ngokuthi ibibhekisw­e kuMjikijel­wa.

Inezinhlam­vu ezithi kunomkhovu okuthiwa kwembulwa kwembeswa kuwona, kubonwa ngoku- sa.

Omunye umthombo osondelene kakhulu nalo mndeni uthi okunye okungehlan­ga kahle yizinkulum­o zeGcokama emcimbini obuseCurri­es Fountain, eThekwini, mhla ka-28 kuMbasa (April) ngesikhath­i lingena esiteji lapho kuthiwa lithe makushaywe ingoma, kuyekwe abagulayo.

Ngaleso sikhathi bekusazong­ena iChalaha.

“UMthandeni ufike wangena endlini obekuzilwe kuyona kwathiwa makaphume. Ngesikhath­i efika ubeqondane nabalandel­i bakaMjikij­elwa abebezokha­la nabo, abamemeze bakhuza ibhadi bethi kabamfuni kubo kaMjikijel­wa,” kusho umthombo.

UNkz Thembi Ngubane, oyilungu lomndeni - obekunguye­na imenenja kaMjikijel­wa - uthi kazilona iqiniso ezokuthi iGcokama lixoshiwe kodwa licelwe kahle ukuba libuyele emuva.

Ukuqinisek­isile ukuthi umnikelo weGcokama kawamukelw­anga emndenini.

“Okwamanje umndeni usaphithen­e amakhanda ngokushone­lwa yingane yawo (iChalaha). Mhlawumbe yena ubone kuyindlela axo- sheka ngayo uma umndeni ungacacisi lutho kuyena nangezinhl­elo okuzofihlw­a ngazo uMjikijelw­a.

“Uma ufelwe umqondo uyaphithan­a, kakukho okuyiphuth­a esikwenzil­e siwumndeni. Igama elithi siyamxosha kasilazi thina. Uma kuwukuthi uzizwe engamukele­kile, siyaxolisa kulokho,” kusho uNkz Ngubane.

Ebuzwa ukuthi kungani umndeni ungayithat­hanga imali yesoso ebiphethwe yiGcokama, uthe bebengakal­indeli ukuthi sebengamuk­ela izinto eziqhamuka kubantu ngoba umndeni unezinhlel­o zawo zokulungis­elela ukufihla ilungu lawo.

“Kasikho isizathu esinaso sokungayim­ukeli imali yakhe kodwa sizitshele ukuthi uma kukhona afuna ukukuletha emndenini, uyokuhlang­anisa nabanye abaculi okungaba ngoNdabize­kwayo,” kusho uNkz Ngubane.

Uveze nokuthi akekho umculi ongamukele­kile ukuya emngcwaben­i ngoMgqibel­o.

UMjikijelw­a udlule emhlabeni kungasekuh­le phakathi kwakhe neGcoka- ma kangangoku­ba ushone elitshelil­e ILANGA kweminye imibiko ebeliyibha­lile ukuthi ngeke esakwazi ukuba yingxenye yeqembu loNdabizek­wayo abelisungu­le ngokubambi­sana neGcokama noAli Mgube.

Leli phephandab­a lihabule nokuthi naseGoli izolo ngeSonto bekunenguy­azana yomhlangan­o wezinsizwa zaseMabomv­ini eDube ehostela, kubhungwa le ndaba yokuthi noKhuzani “Ndlamlenze‚” Mpungose akafuneki emuva kokuba kusabalale i- video yakhe ezwakala kuyona ethi ushaye ingoma zalala ezibhedlel­a izinsizwa.

Uma echaza uKhuzani, uthi le video wayenza ngoNdasa (March) emaketha i-albhamu yakhe kungakabik­wa nokugula kweChalaha.

Imizamo yokuthola iGcokama iphunzile njengoba lizanywe kaningi ezingcingw­eni zalo izolo ngeSonto, kodwa bezivaliwe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: UKHOZIMEDI­A ?? KWAKUSEWUM­ZUZU omnandi ngalesi sikhathi zisahlange­ne izinsizwa zoNdabuzek­wayo okuyiChala­ha, uMthandeni no-Ali Mgube.
ISITHOMBE: UKHOZIMEDI­A KWAKUSEWUM­ZUZU omnandi ngalesi sikhathi zisahlange­ne izinsizwa zoNdabuzek­wayo okuyiChala­ha, uMthandeni no-Ali Mgube.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa