IGcokama lixoshwe liyolila kwaMjikijelwa
Libuyiselwe emuva nemali yesoso
SIHLANGANE nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili isilomo sikamasikandi okuthiwa siphume sibhocobele kubo kaMjikijelwa “Chalaha likaShafuza” Ngubane (35) KwaMaphumulo ngoMgqibelo, sithi siyokhalisa umndeni ngokudlula emhlabeni kweChalaha.
IChalaha lishone ngoLwesithathu esibhedlela saseThekwini.
Ngokuthola kweLANGA, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, akamukelekanga kulo mndeni, kuthiwa kuhlule ngisho ethi ushiya imali yamakhandlela kwathiwa makajike nayo.
Umthombo, osondelene nalolu daba, uthi umndeni wakwaNgubane uthukuthele wathelwa ngamanzi ngoba usola iGcokama ngokuthi belihlekisa ngokugula kweChalaha emphakathini, ngisho nakwialbhamu yalo yeNdlabeyiphika, ephume ngePhasika ethi: “iThuna Ledixa” lapho kunengoma ehlaziyeka ngokuthi ibibhekiswe kuMjikijelwa.
Inezinhlamvu ezithi kunomkhovu okuthiwa kwembulwa kwembeswa kuwona, kubonwa ngoku- sa.
Omunye umthombo osondelene kakhulu nalo mndeni uthi okunye okungehlanga kahle yizinkulumo zeGcokama emcimbini obuseCurries Fountain, eThekwini, mhla ka-28 kuMbasa (April) ngesikhathi lingena esiteji lapho kuthiwa lithe makushaywe ingoma, kuyekwe abagulayo.
Ngaleso sikhathi bekusazongena iChalaha.
“UMthandeni ufike wangena endlini obekuzilwe kuyona kwathiwa makaphume. Ngesikhathi efika ubeqondane nabalandeli bakaMjikijelwa abebezokhala nabo, abamemeze bakhuza ibhadi bethi kabamfuni kubo kaMjikijelwa,” kusho umthombo.
UNkz Thembi Ngubane, oyilungu lomndeni - obekunguyena imenenja kaMjikijelwa - uthi kazilona iqiniso ezokuthi iGcokama lixoshiwe kodwa licelwe kahle ukuba libuyele emuva.
Ukuqinisekisile ukuthi umnikelo weGcokama kawamukelwanga emndenini.
“Okwamanje umndeni usaphithene amakhanda ngokushonelwa yingane yawo (iChalaha). Mhlawumbe yena ubone kuyindlela axo- sheka ngayo uma umndeni ungacacisi lutho kuyena nangezinhlelo okuzofihlwa ngazo uMjikijelwa.
“Uma ufelwe umqondo uyaphithana, kakukho okuyiphutha esikwenzile siwumndeni. Igama elithi siyamxosha kasilazi thina. Uma kuwukuthi uzizwe engamukelekile, siyaxolisa kulokho,” kusho uNkz Ngubane.
Ebuzwa ukuthi kungani umndeni ungayithathanga imali yesoso ebiphethwe yiGcokama, uthe bebengakalindeli ukuthi sebengamukela izinto eziqhamuka kubantu ngoba umndeni unezinhlelo zawo zokulungiselela ukufihla ilungu lawo.
“Kasikho isizathu esinaso sokungayimukeli imali yakhe kodwa sizitshele ukuthi uma kukhona afuna ukukuletha emndenini, uyokuhlanganisa nabanye abaculi okungaba ngoNdabizekwayo,” kusho uNkz Ngubane.
Uveze nokuthi akekho umculi ongamukelekile ukuya emngcwabeni ngoMgqibelo.
UMjikijelwa udlule emhlabeni kungasekuhle phakathi kwakhe neGcoka- ma kangangokuba ushone elitshelile ILANGA kweminye imibiko ebeliyibhalile ukuthi ngeke esakwazi ukuba yingxenye yeqembu loNdabizekwayo abelisungule ngokubambisana neGcokama noAli Mgube.
Leli phephandaba lihabule nokuthi naseGoli izolo ngeSonto bekunenguyazana yomhlangano wezinsizwa zaseMabomvini eDube ehostela, kubhungwa le ndaba yokuthi noKhuzani “Ndlamlenze‚” Mpungose akafuneki emuva kokuba kusabalale i- video yakhe ezwakala kuyona ethi ushaye ingoma zalala ezibhedlela izinsizwa.
Uma echaza uKhuzani, uthi le video wayenza ngoNdasa (March) emaketha i-albhamu yakhe kungakabikwa nokugula kweChalaha.
Imizamo yokuthola iGcokama iphunzile njengoba lizanywe kaningi ezingcingweni zalo izolo ngeSonto, kodwa bezivaliwe.