Ilanga

Siyizwa ngendaba intuthuko ngakithi

- Thembitshe Simayedwa KWAMBONAMB­I

MHLELI: Ngidumele ngohulumen­i wethu okuthe sigubha usuku lwenkulule­ko nolwenzala­bantu, umqondisi wohlelo wangafaka ngisho elilodwa ilungu lomphakath­i ohlwini ukuba lichaze ukuthi intuthuko sinayo yini noma cha.

Empeleni thina siyizwa ngendaba intuthuko lapha ku- ward 2, kuMasipala waseMfoloz­i (KwaMbonamb­i).

Kunesikole esiqale ukwakhiwa ngo2011, namanje kasikaphel­i, amapulangw­e aseze agotshwa yilanga nezimvula.

KuneThuson­g Centre nayo eqale ukwakhiwa ngawo u-2011, namanje kayikaphel­i, uphahla selugotshw­e yilanga nezimvula, selokhu kwathengwa umhlaba okuzokwakh­iwa kuwona izindlu zomxhaso ngo-2011 kwaphinda kwathengwa nomunye ngo-2014, kodwa kuze kube manje akukho lutho oluqhubeka­yo.

Thina esihlala emijondolo sinethwa yimvula, kasinazo izindlu zangasese, size sizikhulul­e ezindishin­i indle siyigqibe emagcekeni.

Udaba lwezindlu zangasese salubika kwabezaman­zi nezokukhul­ulwa kwemfucuza, usomlomo wathembisa ukuthi ngeke kuphele izinsuku ezintathu lungalungi­siwe.

Emuva kwamasonto sacela umhlangano sabuza ukuthi kuqhubekan­i ngezindlu zangasese, kwathiwa masibhale wonke amagama abantu abahlala emijondolo, nebala sawabhala sawahambis­a ekhanselen­i.

Sekuphele izinyanga eziwu-5 kalikaze libuyele kithina.

Uma sibika izinkinga kulona, libuya lisitshele ukuthi kwamasipal­a bali- tshele ukuthi malibayeke ngabantu baseJoe Slovo.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi abahlali sebebhalis­ele izindlu zomxhaso amahlandla awu-7 - kusukela ngo-2010 kuya ku-2016, kodwa namanje akunamnyak­azo.

Kasisaqond­i noma basuke befuna ukwenza ubugebengu ngezinombo­lo zomazisi bethu nezithombe esashu- thwa zona, sidinwe sigane unwabu. Kasifuni ukulingisa abanye abanenking­a efana neyethu.

Besicabang­a ukumisa yonke into emtateni waseRichar­ds Bay sivale noMthunzin­i. Sicela niphuthume nizoxazulu­la le ngqinamba esibhekene nayo.

 ??  ?? UMFUNDI ukhala ngokugqoza kwentuthuk­o kuward 2, kuMasipala iMfolozi.
UMFUNDI ukhala ngokugqoza kwentuthuk­o kuward 2, kuMasipala iMfolozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa