Siyizwa ngendaba intuthuko ngakithi
MHLELI: Ngidumele ngohulumeni wethu okuthe sigubha usuku lwenkululeko nolwenzalabantu, umqondisi wohlelo wangafaka ngisho elilodwa ilungu lomphakathi ohlwini ukuba lichaze ukuthi intuthuko sinayo yini noma cha.
Empeleni thina siyizwa ngendaba intuthuko lapha ku- ward 2, kuMasipala waseMfolozi (KwaMbonambi).
Kunesikole esiqale ukwakhiwa ngo2011, namanje kasikapheli, amapulangwe aseze agotshwa yilanga nezimvula.
KuneThusong Centre nayo eqale ukwakhiwa ngawo u-2011, namanje kayikapheli, uphahla selugotshwe yilanga nezimvula, selokhu kwathengwa umhlaba okuzokwakhiwa kuwona izindlu zomxhaso ngo-2011 kwaphinda kwathengwa nomunye ngo-2014, kodwa kuze kube manje akukho lutho oluqhubekayo.
Thina esihlala emijondolo sinethwa yimvula, kasinazo izindlu zangasese, size sizikhulule ezindishini indle siyigqibe emagcekeni.
Udaba lwezindlu zangasese salubika kwabezamanzi nezokukhululwa kwemfucuza, usomlomo wathembisa ukuthi ngeke kuphele izinsuku ezintathu lungalungisiwe.
Emuva kwamasonto sacela umhlangano sabuza ukuthi kuqhubekani ngezindlu zangasese, kwathiwa masibhale wonke amagama abantu abahlala emijondolo, nebala sawabhala sawahambisa ekhanseleni.
Sekuphele izinyanga eziwu-5 kalikaze libuyele kithina.
Uma sibika izinkinga kulona, libuya lisitshele ukuthi kwamasipala bali- tshele ukuthi malibayeke ngabantu baseJoe Slovo.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi abahlali sebebhalisele izindlu zomxhaso amahlandla awu-7 - kusukela ngo-2010 kuya ku-2016, kodwa namanje akunamnyakazo.
Kasisaqondi noma basuke befuna ukwenza ubugebengu ngezinombolo zomazisi bethu nezithombe esashu- thwa zona, sidinwe sigane unwabu. Kasifuni ukulingisa abanye abanenkinga efana neyethu.
Besicabanga ukumisa yonke into emtateni waseRichards Bay sivale noMthunzini. Sicela niphuthume nizoxazulula le ngqinamba esibhekene nayo.