Isimanga beshiswa umlilo ongaziwa
Kuqale ingane ishaywa ngamatshe esikoleni
KAWUSAZI ukuthi uthatheni uhlanganise nani umndeni wakwaNtuli eManzibomvu, eMbazwana, ohlaselwa wumlilo obhubhisa kwasani ekhaya lawo.
Lo mndeni, othi ufisa ukusizwa yinoma ngubani ongakwazi ukuxosha lo mlilo - osuziqede zonke izimpahla zawo zasendlini - utshele ILANGA ukuthi lo mlilo uqale ukubahlupha ngoNdasa (March) nonyaka.
Ubahlupha nje ngoNhlolanja (February) lo mndeni wayekisa indodakazi yawo, uNokulunga (13), isikole ngoba ishaywa ngamatshe engawazi ukuthi avelaphi.
La matshe bathi abehambisana nemvuthuluka yokusamuthi. Uyise kaNokulunga, uMnu Mduduzi Ntuli (37), uthe indodakazi yakhe eyenza uGrade 8 eTanenkosi High, iphoqeleke ukushiya phansi ukufunda ngenxa yokushaywa ngamatshe iphakathi ekilasini.
“Siqale sazitshela ukuthi uyadlala umntwana uma ethi uvele abone eseshaywa ngamatshe angazi ukuthi avelaphi. Siqale ukulukholwa udaba uma selufakazelwa nangothisha bakhe. Le nto ithe isuka yayimnakashela ngisho edlala nabanye abantwana egcekeni lesikole. Kayigcinanga lapho, imlandelile ngisho ngezikhathi zantambama uma esebuyile esikoleni, okuyilapho sinqume khona ukuba asiyeke isikole ngoba senzela ukuphepha kwakhe,” kusho uMnu Ntuli.
Uthi lokhu kwamatshe kuye kwehla emuva kokuba umntwana emisiwe esikoleni kodwa base behlaselwa wumlilo.
Utshele ILANGA ukuthi sekushe izikhathi ezingaphezulu kweziwu-5 kusuka ngoNdasa.
“Lo mlilo usha emini kwa‘bha’. Siye sibone izimpahla sezokheleka singazi ukuthi uvelaphi. Noma sithi siyawubhula, kuvele kube nhlanga zimuka nomoya ngoba kawucishi kalula. Kumanje kasisenalutho, sesisizwa wukubolekwa ngomakhelwane izinto ezifana nezingubo zokulala kanjalo nezokugqoka. Njalo ekuseni sihlalelwa wumsebenzi wokuba siziphindisele emuva ukugwema ukuba zingaze zishe nazo.
“Umfaniswano wezingane wesikole kangazi usushe kangaki, uyasha siphinde siqongobezele siwuthenge kodwa uphinde ushe kungakapheli isikhathi esingakanani,” kusho uMnu Ntuli.
Utshele ILANGA ukuthi isigameko sakamuva senzeke ngoLwesithathu olwedlule, kushe sonke isifuladi sabo. Uthe sebezamile ukubiza amakholwa amabandla ahlukene kodwa lutho ukusizakala.
Uqhube wathi okunzima kakhulu wukuthi kabanayo imali yokuba babize umuntu osebenza ngamakhambi ukuze abalungisele le nkinga.
Okhulumela abaholi bendabuko KwaZulu-Natal, uMnu Sazi Mhlongo, uthe lesi simo esihlasele lo mndeni sibizwa ngovutha kanti sisuke sithunyelwe yisitha esisuke sifuna ukubona umuntu ehlupheka.
“Uyalungiseka uvutha kodwa kudingeka ukuba uthole umuntu osebenza ngamakhambi, ozowuvala ngoba uyinto yokuthunyelwa,” kusho uMnu Mhlongo.