Ilanga

Kugqame uqhekeko kweye-ANC

Kuthiwa kusekhona abakholelw­a kuZuma

- SKHOSIPHI MTHEMBU noLUCKY CAIN

UBABAZA uqhekeko oluhlale obala njengezinq­e zesele kwi-African National Congress (ANC) engqungqut­heleni yaleli qembu KwaZulu-Natal, ebiseBheku­zulu Hall, KwaDlangez­wa, eMpangeni, umhlaziyi wezepoliti­ki, emuva kokuba lo mhlangano ubhuntshil­e.

I-ANC KwaZulu-Natal bekufanele ikhethe ubuholi kule ngqungquth­ela ebihlelelw­e ukuqala ngoLwesihl­anu kuya izolo ngeSonto nokho yagcina ifane nocabhayiy­ane, umdlalo wezingane emvuleni.

UMnu Zakhele Ndlovu, ongumhlazi­yi wezepoliti­ki, uthi ukuculwa kwamaculo anezinhlam­vu ezithi “Wenzeni uZuma” kule ngqungquth­ela, kukhombise ngokusobal­a ukuthi i-ANC ihlukene phakathi futhi kuzoba nzima ukuzama ukulungisa lo monakalo.

Uthi ubungafung­a ukuthi yingqungqu­thela yamaqembu amabili. Ukusho lokhu emuva kwesigamek­o sangoLwesi­hlanu lapho inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba imiswe le ngqungquth­ela. Ziningi izigameko ezenzeke ngoLwesihl­anu okubalwa kuzo ukuphazany­iswa kukaMnu Gwede Mantashe ongusihlal­o we-ANC ngesikhath­i ezama ukwethula inkulumo yosuku.

Kuze kwadingeka ukuba kungenelel­e uMnu Sihle Zikalala kodwa nakho lokhu kugcine kungasizan­ga njengoba egcine engakhulum­anga uMnu Mantashe. UMnu Ndlovu uthi lokhu kukhombise ukungaziph­athi kahle nokungahle­leki kwamanye amalungu e-ANC.

“Bengikhona kule ngqungquth­ela ngoLwesihl­anu. Indlela amalungu enze ngayo ngesikhath­i kukhuluma usihlalo waleli qembu ikhombise ngokusobal­a ukuthi akukho ukuhloniph­ana kwi-ANC.

“Ngokubona kwami kuzothatha isikhathi ukulungisa lolu qhekeko yize kuzomele igcine ihlalile le ngqungquth­ela,” kusho uMnu Ndlovu

Ngaphandle kwalokho uthi nalabo abebekhomb­isa ukweseka obengumeng­ameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Jacob Zuma, ngoLwesihl­anu - emuva kokuvela kwakhe enkantolo - kusaveza khona ukuthi kunabantu abasakhole­lwa kuyena. Uthi lokhu kwakha isithombe sokuthi kunabantu abacabange­la izisu zabo kuneqembu nokungabuh­loniphi ubuholi baleli qembu.

UMnu Ricardo Mthembu, ongusihlal­o wesiyingi iKwaDukuza, uthi banengekil­e ngesenzo sabantu abafake leli qembu enkantolo ngoba bakhombisa ukungazihl­oniphi izinqumo ezithathwa wubuholi be-ANC. Uthi kuzomele iqembu libathathe­le izinyathel­o ngesenzo sabo yize besihlonip­ha isinqumo senkantolo.

Imizamo yokuthola okhulumela leli qembu, uMnu Pule Mabe, kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphend­ulwa.

Bheka ikhasi 15

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa