Ilanga

UBoneni uzovela kwiRythm City

Uzibona eyindlovuk­azi kamasikand­i ngempela

- MTHOBISI SITHOLE

UZIBONA eseyindlov­ukazi kamasikand­i ngempela uBoneni Magubane waKwaHlaza­kazi, eNquthu, njengoba engowesifa­zane wokuqala (kulolu hlobo lomculo) ozobonakal­a kumabonaku­de elingisa emdlalweni owuchungec­hunge, iRhythm City ekupheleni kukaNtulik­azi (July).

Lo mdlalo udlala ngo-19h00 kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu ku-e.tv.

UBoneni uthi ekukhuleni kwakhe ubenekhono lokubhala imidlalo yeshashala­zi esikoleni aphinde alingise, kodwa ubengakaze azitshele ukuthi ngelinye ilanga uyolingisa ezingeni eliphezulu ngoba lokho bekungelon­a iphupho lakhe.

“Esikoleni ngangidlal­a imidlalo yeshashala­zi ngenhloso yokuthi kubekhona engikwenza­yo kwazise abafundi babenza okuningi. Sekucacile ukuthi uNkulunkul­u wayengibek­ele okukhulu,” kusho uBoneni.

Uthi emasontwen­i amabili edlule bekunomdla­lo weshashala­zi eJoburg Theatre, iVoice of Masikandi, kanti kunezimeny­wa zeRhythm City ezichazeki­le ngendlela ashaya ngayo ingoma.

Zixhumane nabahleli balo mdlalo (weshashala­zi) zimfuna. Le ntokazi ibizwe ngoba kunengxeny­e okumele iyidlale lapho khona kugcinwa izinto zesintu.

“Kumasikand­i besimelwe nguMfilise­ni Magubane obelingisa kodwa nami-ke ngingowoku- qala wesifazane ozobonakal­a edlala izigatshan­a ezithile kumabonaku­de. Lokhu ngikubona kuyisithom­be esihle emculweni wethu, kukhombisa ukukhula kakhulu,” kusho uBoneni.

Nakuba uBoneni egqame kakhulu ngomculo kamasikand­i kodwa ikhono lakhe elehlukile livelile eminyakeni emibili edlule, kuMantshon­tsho Awards eThekwini, lapho eshiye izihlwele zibambe ongezansi ngesikhath­i ecula izingoma zikaBusi Mhlongo (ongasekho) nezikaThan­diswa Mazwai, ngokubambi­sana noBonakele naye ongumculi kamasikand­i.

 ??  ?? WAMUHLE ntombi ngezwa ngivukwa ngamalimi njengoMshe­fane! Kodwa phela indoda yangempela kayivamile ukukhuluma kakhulu ngoba ibalekela ukuhhema, ikhombisa ngezenzo! Mina nje sekuthi angithumel­e omalume bazishaye zonke bafake nebhansela! Lesi singqazu...
WAMUHLE ntombi ngezwa ngivukwa ngamalimi njengoMshe­fane! Kodwa phela indoda yangempela kayivamile ukukhuluma kakhulu ngoba ibalekela ukuhhema, ikhombisa ngezenzo! Mina nje sekuthi angithumel­e omalume bazishaye zonke bafake nebhansela! Lesi singqazu...
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBONENI Magubane uzibona eshaya ngolunye unyawo ekumeleni isifazane kwezobumna­ndi.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBONENI Magubane uzibona eshaya ngolunye unyawo ekumeleni isifazane kwezobumna­ndi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa