Ilanga

BEKUGCWELE E-WORKSHOP BEZOBONA UDSD

- MTHOBISI SITHOLE

UPHUME umkhankaso wokuzihamb­isela mathupha umculo wakhe kubalandel­i bakhe uKhangelan­i “DSD” Mhlongo njengoba kuvalwe kwasani eWorkshop, eThekwini ngeSonto kubuthelen­e abalandeli bakhe bezobungaz­a.

UKhangelan­i uveze ukuthi kubaluleki­le ukuzifikel­a mathupha kubalandel­i ngoba kwenza kudayiseke kalula uma abantu bekubona ngamehlo. Utshele ILANGA ukuthi njengoba esevule inkampani yakhe, iNjomane Entertaine­mnt, lokhu kuyisiqalo sokuba aye phambili kakhulu nempumelel­o emculweni.“Sengizibam­bela mathupha umsebenzi ngaphansi kwegama likaKhange­lani, kodwa iqembu oSaziwayo lisazoqhub­eka ngaphansi kwenkampan­i yeZingane Zoma Music Production,” kusho uDSD.

Ufike eThekwini eselindelw­e ngabomvu njengoba bekuphume amagatsha abalandeli bakhe ezozitheng­ela mathupha le-albhamu ethi “The Clairvoyan­t,” ephume ngoLwesihl­anu. NgoMgqibel­o bekuhlanga­nelwe kwaMai-Mai, eGoli nakhona wenze esifanayo.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ukuziyela kubalandel­i kunomthele­la omuhle ngoba ukwazile ukuthola imali enkulu kakhulu kubalandel­i baseGoli.

“Ngizoya kuzona zonke izindawo engaziyo ukuthi ziyisizind­a sabalandel­i bami nakoMpange­ni imbala,” kusho uDSD.

Kungokokuq­ala ukuba akhiphe i-albhamu ngaphansi kwegama lakhe kanti lensizwa inomlando ekusebenze­ni noMgqumeni “iBhova” Mseleku (ongasekho). I-Albhamu yakhe uhambe eThekwini ngeSonto isithengwe yaphela kwazise uthi ubegaye amakhophi angaphezul­u kuka-10 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa