Ukunikela ngegazi kungahlenga impilo yomunye umuntu
NGOLWESINE wusuku lomhlaba wonke lokukhuthaza ukuthekelisa ngegazi. Lolu wusuku okugqanyiswa ngalo isidingo segazi elisiza kakhulu uma kunesidingo sokuhlinza uma kwelashwa isiguli, ikakhulukazi nxa kuvela izinhlekelele.
Lithekelwa kulabo abanikelayo ngalo. Ngakho-ke lolu suku lungolokufundisa ngokubaluleka komkhuba omuhle wokuthekelisa ngegazi kanjalo nokuhlonipha labo abanikela ngalesi sipho esibaluleke kangaka sempilo.
Ziwu-8 izinhlobo zegazi ezikhona, kuzona oluwu-AB yilona oluyindlala kakhulu. Isibalo sabanalo emhlabeni silinganiselwa ku-4% kuphela zizombili izigaba zalo esiwu- positive nesiwu- negative - okuyisona esiyindlala ngokwedlulele.
Umfanekiso wempilo yangempela exoxwa ngombukiso ( documentary) othi "The Blood in This Town (2010)", unobufakazi ngabantu baseRussia nabase-United States of America (USA) obucacisa konke ngegalelo elihle lokuthekelisa ngegazi.
Ngokusho kwabeRed Cross e-USA, umuntu angathekelisa ngegazi njalo emuva kwezinsuku eziwu-56. NaseNingizimu Afrika ezokwelapha sezaba yingxenye yalesi senzo esihle sokuthekelisa ngegazi, lapho lo msebenzi wenganyelwe yiSouth African National Blood Service (SANBS). Noma ngubani oneminyaka yobudala ewu-16 kuya kwewu-65 kwabaqalayo. Kumele ube nesisindo esiwu-50kg kuya phezulu futhi ube wumqemane.
Kumqoka futhi ukuba indlela yakho yokuphila ibe ngephephile. Abaphindayo makube lapho sezidlulile izinsuku eziwu-56 bethekelisile ngegazi phambilini. Ukuqopha usuku lomhlaba wonke lokufundisa ngesidingo sokuthekelisa ngegazi kuqalwe ngo-2004 futhi lokhu kuya kukhula unyaka nonyaka. Lolu suku lugujwa njalo mhla ka-14 kuNhlangulana (June), lukhethwe ngoba lusondelene nolokuzalwa kukasosayensi waseAustria owahlabana ngeNobel Prize ngo-1930, uKarl Landsteiner, owathola uhlelo olubizwa ngeABO lwezinhlobo zegazi.
Uhlobo oluwu-0 negative noluwu-AB positive, ama- plasma azo ayaxubeka nezinye izinhlobo ngaphandle kwenkinga. Kuthiwa-ke zidingeka kakhulu lezi zinhlobo kodwa ziyivelakancane.
IWorld Health Organization (WHO), ithi njengamanje wu-62% wamazwe othola lonke igazi olidingayo kubantu abanikela ngothando. Akusibona abathekelisi kuphela abamqoka kwazise uhlelo lonke lokuthekelisa ludinga nabanikela ngesikhathi sabo ukuyosiza uma kuthekeliswa. Ozonikela ngegazi kumele acophelele ukuthi udlani. Ukuze uthekelise ngegazi kumele:
Ube nesakhamzimba i- iron esanele egazini lakho. Kuyadingeka futhi ukuba umuntu azazi ukuthi elakhe igazi liluhlobo luni. Ukushaya kwenhliziyo makube nesivinini esiphakathi kuka-50-100 esingaguquguquki. Isilinganiso somfutho wegazi masibe wu-180/100mmHg. Uma usuthekelisile, lokho kusho ukuthi kunengxenye ye- iron esikulahlekele ngakho kuzodingeka ukuba udle ukudla okuthe xaxa ngalesi sakhamzimba. Phakathi kwalokho kudla kubalwa inyama ebomvu, yinhlanzi, imifino eluhlaza nobhontshisi - konke okudume ngokuthi kucebile nge- iron. Kudingeka okulezi zimo ezilandelayo abuzisise kongoti ukuthi angakwazi yini ukuthekelisa:
Uma zingakadluli izinyanga eziwu-6 kade uhlinziwe noma uma uzohlinzwa engakadluli amasonto awu-6 ezayo.
Uma ukhulelwe noma uma uncelisa.
Uma udla imishanguzo engama- antibiotc.
Uma kade uhambele indawo enengcuphe yokuba uhlaselwe wumalaleveva.
Uma uke wahlaselwa wumdlavuza, yisifo senhliziyo, yisithuthwane noma inkinga yokopha
Uma ungumdlali noma wenza uhlobo lomsebenzi olubucayi njengokushayela imishini emikhulu noma izindiza, ungumtshuzi ( diver) kumbe usebenza ezindaweni eziphakemeyo.
Nxa ihlehliswa indaba yakho yo- kuthekelisa, qonda ukuthi kusebuhleni ukuba impilo yakho ingabekeki engcupheni kanjalo nesimo segazi elisuke lizothekeliswa. Phakathi kwezindlela zokuziphatha ezinengcuphe, kubalwa lokhu okulandelayo: Okade enza ucansi nomahosha. Owenza ucansi nabantu abaningi. Ukwenza ucansi nomuntu olala noxhaxha “lwezithandani”. Ozijova ngezidakamizwa noma owenziwa lokho ngomunye umuntu ongeyisona isisebenzi sezempilo. Zikhiphe kwabafisa ukuthekelisa nxa:
Welashelwa ingculaza kumbe unesandulela-ngculaza;
Unikela ngoba uhlose ukuhlolelwa isimo sakho mayelana negculaza;
Welashelwa noma yisiphi esinye isifo esingena ngokwenza ucansi.