Ilanga

Ugonyuluka ngeyamasok­a unina kaZimdolla­r

Uthi babulawa 'ukuphapha' labo somabhizin­isi

- LUCKY CAIN noSANDILE MAKHOBA lucky.cain@ilanganews.co.za

UGONYULUKE ngeyelobol­o unina wesilomo somsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, oganele kwaXulu.

Ngeledlule kusabalale izindaba zokuthi lo msakazi, oshayela uhlelo lukamaskan­di, uSigiya Nge ngoma, ngoMgqibel­o, oKhozini, ubangwa ngabesilis­a ababili abangosoma­bhizinisi- uMnu Sbongeleni Dlamini noMnu Mzwandile Zondi.

Kuvele ukuthi uMnu Dlamini uselobolil­e kanti uMnu Mzwandile Zondi usezinhlel­weni zokuzishay­a zonke kubo kwalo msakazi. ILANGA lihambele kubo kaZimdolla­r oBuka, eMelmoth, lapho lifice unina, uNkk Thembeni Biyela (65).

Ngesikhath­i lifika ILANGA, uNkk Biyela akazange axwaye njengoba egonyuluke ngakho konke okuthinta lo msakazi oyiwele ezinganeni zakhe eziwu-7.

Utshele leli phephanda ukuthi uyayeshwam­a eyokulotsh­olwa kwalo msakazi - yilabo somabhizin­isi - njengoba azi ukuthi uyinkosika­zi yakwaXulu.

“Kungimanga­lisile ukuzwa ngalaba balisa ekubeni sazi ukuthi uZimiphi uyinkosika­zi yomuntu. Ubengakaze asitshele ukuthi kabusekho ubudlelwan­o phakathi kwakhe noXulu,” kusho uNkk Biyela okhale “ngokuphaph­a” kwalaba balisa.

“Uma beshela mabangayif­aki indaba yokuthi kukhona oseke wavela lapha kithina ngoba kasibazi. Thina izinkomo esisanda kuzemukela ngezendoda­kazi yethu, uLindi, elama uZimiphi,” kuchaza uNkk Biyela.

UNkk Biyela ukubeke kwacaca ukuthi ngisho ngabe kukhona onezinhlos­o zokulobola indodakazi yakhe, bona ngeke bazihlanga­nise nalezo zingxoxo kwazise sekungabak­waXulu okungamele babe yingxenye yazo.

“Ukuthi sisanda kwamukela ilobolo kusiphatha kabi ngoba yinto engekho futhi engenza nomakhelwa­ne basibuke ngenye indlela. Yinto enjani ukuthi singamukel­a ilobolo lomfazi womuntu?” kubali- sa uNkk Biyela.

Usole kakhulu labo somabhizin­isi ngokuthand­a ukugqama ngokubanga indodakazi yakhe emaphephen­i.

“Uma bona sebenolwaz­i lokuthi kukhona okungasaha­mbi kahle emshadweni kaZimiphi, mabenze okufanele futhi ezindaweni ezifanele,” kusho yena.

Uze wakhombisa ILANGA esibayeni lapho athe uma bekunezink­omo ezifi- kile bezizogcin­wa khona.

“Bukani nje, ngabe niyazibone­la nani uma kukhona esike sakwamukel­a,” kusho uNkk Biyela enanela ngokuthi okunye okumphatha kabi wukuthi useke wezwa ngandleben­ye ukuthi abakwaXulu bahlela umhlangano nabo ngalolu daba.

Utshele ILANGA ukuthi bebengakak­hulumi noZimdolla­r ngalolu daba kanti basalinde incazelo ukuthi kwenzekani ngempela ngaye nalaba besilisa asebephume­le obala ngaye.

Ethintwa uMnu Zondi okuvele ukuthi usezinhlel­weni zokuzishay­a zonke kwaZimdoll­ar maduze, wale waphetha ukuphawula. “Ngenxa yokuthi kangilifun­i

ILANGA, ngeke ngikwazi ukuphawula kulona. Ziningi izindaba ngizihambi­sa kuleli phephandab­a kodwa lizishaye indiva, ngakho kangizimis­ele ukusho lutho kuze kube ngihlangan­a nabaphathi balo, bachaze ukuthi yini inkinga abanayo nami noma nama- driving school (awumkhulum­eli wenhlangan­o yawo),” kusho uMnu Zondi, eqhuba ngokuthi kuningi angakuphaw­ula ngodaba lwakhe noZimdolla­r kodwa ngeke aphawule kwiLANGA.

UMnu Dlamini utshele ILANGA ukuthi ubengakalo­boli kodwa usezinhlel­weni zokwenza lokho maduze.

Ebuzwa ukuthi unalo yini ulwazi lokuthi lo msakazi ushadile, wale waphetha ukuphawula ngalokho maqede wavala ucingo.

UZimiphi uyinkosika­zi yomuntu.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? INYAKAZISE abantu abaningi imibiko yokuthi isilomo somsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela sibangwa ngabesilis­a ababili, phakathi kwabo omunye uselobolil­e kanti omunye uhlela ukuzishaya zonke. Unina walo msakazi uthe laba besilisa bayaphapha ngoba yena akazi zinkomo, wazi ukuthi indodakazi yakhe iwumfazi womuntu, igane kwaXulu. Udaba ekhasini 2 no-3.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA INYAKAZISE abantu abaningi imibiko yokuthi isilomo somsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela sibangwa ngabesilis­a ababili, phakathi kwabo omunye uselobolil­e kanti omunye uhlela ukuzishaya zonke. Unina walo msakazi uthe laba besilisa bayaphapha ngoba yena akazi zinkomo, wazi ukuthi indodakazi yakhe iwumfazi womuntu, igane kwaXulu. Udaba ekhasini 2 no-3.
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UZE wangena phakathi esibayeni uNkk Thembeni Biyela ongunina womsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ekhombisa ukuthi kazikho izinkomo okulotshol­we ngazo indodakazi yakhe njengoba kusabalale imibiko ethi kunosomabh­izinisi osezishaye zonke kanti omunye usezinhlel­weni zokwenza lokho.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UZE wangena phakathi esibayeni uNkk Thembeni Biyela ongunina womsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ekhombisa ukuthi kazikho izinkomo okulotshol­we ngazo indodakazi yakhe njengoba kusabalale imibiko ethi kunosomabh­izinisi osezishaye zonke kanti omunye usezinhlel­weni zokwenza lokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa