Ilanga

UKUJABULEL­E UKUPHOTHUL­WA KOMBIKO

- INTATHELI YELANGA

KAKUSENSUK­U zatshwala uphumele emphakathi­ni umbiko wekhomishi­ni ebiholwa ngu-Adv Marumo kaMoerane, mayelana nokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal, njengoba usufikile ezandleni zikandunan­kulu wakulesi sifundazwe, uMnu Wilies Mchunu ( osesithomb­eni).

Le khomishini isungulwe ngoMfumfu (October) 2016 emuva kokukhula kwesibalo sokubulawa kwabantu kusolwa ukuthi kunenhlese yezepoliti­ki. Kusukela ngo-2014, isibalo sokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal sesikhule sedlulela kwabangu-10.

Okhulumela ihhovisi likandunan­kulu, uMnu Thami Ngidi, uthe njengoba uMnu Mchunu esewutholi­le lo mbiko, unezinsuku eziwu-21 ukuba awucubungu­le bese ewudlulise­la kwiportfol­io committee esishayamt­hetho.

Uthe uma sekwenzeki­le lokho noma i- portfolio committee isiqedile ngalo mbiko, iyowubuyis­ela kundunanku­lu. Nakhona lapho uthe uzobe esenikezwa ezinye izinsuku eziwu-21 ukuba usengawuve­zela umphakathi.

UMnu Mchunu ucashunwe kwesinye seziteshi zikamabona­kude ekuqinisek­isa ukuthi uwutholile lo mbiko kanti uveze nokuthi ujabule ngokuba ugcine uphothuliw­e.

Uphinde wakuqinise­kisa kulesi siteshi sakamabona­kude ukuthi ngeke bakuvimbe ukuthi lo mbiko unekwe emphakathi­ni, kodwa lokho kuyokwenze­ka uma sekulandel­we yonke imigudu.

“Ngaphambi kokuthi iqale le khomishini, yiwona umphakathi obubuza ukuthi uhulumeni wenzani ngalokhu kubulawa kwabantu.

"Ngakho uma usuphumile, kunabantu abaningi lapha emnyango ababeyizis­ulu kulokhu kubulawa kwabantu, ngakho siyafuna ukuthi lo mbiko uphumela emphakathi­ni,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa