Ilanga

INJABULO KUBEKWA INKOSI NGEMUVA KOMDONSISW­ANO

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UFINYELELE ekugcineni umdonsiswa­no nokungabon­i ngasolinye ngokubekwa kwenkosi yakwaHlabi­sa, KwaHlabisa, obesekuphe­le iminyaka ibanjelwe isihlalo.

Ngeledlule kubekwe ngokusemth­ethweni iNkosi Nhlanganis­o kaLwazi kaPhumempi­ni Hlabisa (20) emcimbini obuseMatsh­amnyama, KwaHlabisa.

Inkosi ibekwa nje, kuke kwaba nomdonsisw­ano phambilini kufanele kubekwe obezoyibam­bela kwazise ibisencane ngesikhath­i kukhothama uyise ngo-2005, iNkosi uLwazi - kugcine kubekwe uyisekazi, uNkz Jabu Hlabisa.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi lokhu kakwehlang­a kahle kwamanye amalungu omndeni njengoba wona abephakami­se umnewabo wenkosi ekhotheme, uMnu Khulezweni Hlabisa.

Yize kunjalo, uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal - ngaphansi kobuholi bukaMnu Mike Mabuyakhul­u, obengungqo­ngqoshe ngaleso sikhathi, wamukele uNkz Hlabisa ukuba abambe lesi sihlalo kuze kube iyakhula inkosi.

UMnu Sbonakalis­o Hlabisa, ongusihlal­o wamaNgotsh­a, (okuyisitha­kazelo sakwaHlabi­sa), uthi kubajabuli­se kakhulu ukubekwa ngokusemth­ethweni kweNkosi uNhlangani­so.

Utshele ILANGA ukuthi banethemba lokuthi lokhu kuzoqeda lonke uqhekeko nomdonsisw­ano obukhona emndenini.

Uthembise nesizwe sonke ukuthi konke kuzobuyela esimeni.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi umnyango uyihambisi­le incwadi egunyaza ukuba kubekwe iNkosi uNhlangani­so.

Uthi nobebambil­e uzobhalelw­a incwadi embongayo ngokubamba isihlalo kuze kube kubekwa inkosi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE:SITHUNYELW­E ?? KUBUKEKA kuzoletha inhlansi yethemba ukubekwa kweNkosi Nhlanganis­o Hlabisa (20) obese kuphele iminyaka ibanjelwe nguyisekaz­i lesi sikhundla.
ISITHOMBE:SITHUNYELW­E KUBUKEKA kuzoletha inhlansi yethemba ukubekwa kweNkosi Nhlanganis­o Hlabisa (20) obese kuphele iminyaka ibanjelwe nguyisekaz­i lesi sikhundla.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa