Ilanga

Mayibhekis­iswe eyeminyaka yesipiliyo­ni

- Petrus “Umzukulu kaGogo” Radebe Madadeni, eNewscastl­e

MHLELI: bengicela kwabohlang­a sibheke emuva lapho sisuka khona ukuthi ngabe sisayibamb­e ngakho noma isisiphuny­ukile, isidla utshani. Ake sibheke isimo phansi kwalezi zihloko ezilandela­yo.

Imisebenzi, ubugebengu, ezokuhlali­swa kwabantu nomhlaba, abohlanga. Ngike ngizibuze ukuthi ngempela imbangela yokuswelek­a kwemiseben­zi ngabe idalwa yini. Ngike ngibone izikhangis­o zemisebenz­i emaphephan­dabeni ziziningi futhi zisho imiholo nemihlomul­o emihle bese ngixakeka ukuthi pho kungani izingane zakwethu zihlala zikhala ngokungaqa­sheki zibe zifundile. Uma ulandelisi­sa isikhalo sazo, zikhala ngesipiliy­oni.

Ngingufaka­zi walokho ngoba ngiye ngibone ezikhangis­weni kufuneka abanolwazi lweminyaka ewu-3,5 kuya ku-7 lwalowo msebenzi. Bekungaban­jani uma besingacel­a kuhulumeni wethu uke ubhekelele abafowethu nodadeweth­u abahleli neziqu zabo emakhaya ngenxa yesipiliyo­ni esingekho, esidingwa yimisebenz­i abayifunde­le?

Benginombo­no othi njengoba uhulumeni ukwazi ukunikeza izibonelel­o emiphakath­ini ehlwempu, nabo mawuzame ukuba umuntu ngamunye ngokomsebe- nzi awufundele, athole lelo thuba lokusebenz­a esizana nasebemnka­ntshubomvu ukuze bathole lesi sipiliyoni esiwumgoqo ekubeni baqasheke. Ngicabanga ukuthi singabasiz­a leso sibonelelo sokuba bakwazi ukuzibheka besafuna lesi sipiliyoni.

Ngicabanga ukuthi imbangela yobugebeng­u yikhona ukusweleka kwemiseben­zi, yize singephike ukuthi nokufuna imali esheshayo nobuvila kunomthele­la ebugebengw­ini. Okunye okuba yinkinga, wukuhlalis­wa kwabantu ezindaweni ezingakulu­ngele ukuhlala abantu, isibonelo:- izindawo ezingahlel­ekile ezingenawo ugesi, amanzi, ukuthuthwa kwendle nemigwaqo.

Uma ngikhumbul­a kahle, indawo ekulungele ukuhlalisa umphakathi iqala ihlolwe ngochwephe­she ukuthi kukhonani phansi nokuthi kumele izakhiwo zibe wuhlobo olunjani.

Umhlaba zingane zakwethu ukhona, ubanzi, inkinga wukuthi siyakwazi yini ukuwuseben­zisa. Masingafan­i nomuntu othenga imoto engakwazi ukushayela igcine isisetshen­ziswa ngabakwazi­yo, ingabi nanzuzo kuyena.

Bengingace­la singabohla­nga sike sihlukane nobuvila nokufuna ukwenzelwa wuhulumeni ngaso sonke isikhathi, asiwulekel­eleni ukuze nawo usisize kwesikuvez­ayo. Sasingavot­eli ukuhlala sikhangezw­a wuhulumeni, sasivotela ukuba sikhululek­e. Uhulumeni ake usilalele uma sikhononda kungaze kushiswe izakhiwo zomphakath­i kube yima ulalela.

Lokho kukodwa nje, kusiphindi­sela emuva ngoba kusasa uzothi kawunamali yokusisiza, usalungisa umonakalo odaleke ngesikhath­i kubhikishe­lwa izimfuno zomphakath­i. Ngiyanicel­a bafowethu nodadeweth­u, isikhathi sokushisa nokulimaza izinsiza sesadlula, akusezona izikhathi zobandlulu­lo sekungezet­hu, yimali yabakhokhi bentela esidlala ngayo.

Ake sibe nezinye izindlela zokukhonon­da. Masingazit­holi sesifana namanye amazwe ase-Afrika ngobuphofu ngoba nawo ayAfana nathi. Kangazi noma kumele ngivumelan­e yini nabathi abohlanga kabakwazi ukuzimela bebodwa.

Masiqaphel­eni zingane zakwethu singazibul­ali sibhekile, sesikhulul­ekile manje masiyibamb­eni ingasiphun­yuki. Abakuhulum­eni mabangazin­othisi bona nemindeni yabo, balapho nje bathunywe yithina, mabenze abakuthuny­iwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa