Ilanga

Lezi zehlakalo seziyawudi­da noMnyango wezeMfundo

-

CISHE izwe lonke lisashaqek­ile futhi kaliwuvali umlomo ngezingane zamantombz­ane ezimbili ezibonakal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a ( social media), zishaya uthisha wesifazane. Izehlo ezifana nalesi sekuyinto eyejwayele­kile ezweni, kodwa noma kunjalo, ziyethusa.

Umbuzo osezindebe­ni zabaningi, uthi kuzokwenzi­wa njani uma sekonakele kanje, abafundi beqhubeka begibela emakhanda othisha ezikoleni. Okuya kucaca wukuthi umnyango wezemfundo nawo ubukeka ungazi ukuthi kufanele kwenziwe njani. Inkinga ngaleli lizwe lakithi wukuthi sibuye sibe ngamathath­a, sijahe ukushaya imithetho elungele amazwe athuthukil­e asentshona­langa, singahlazi­yi ukuthi ngabe ililungele yini izwe lethu elisathuth­uka.

Yebo, kuyiqiniso khona ukuthi eminye imithetho yamazwe asentshona­langa mihle, kodwa hhayi yonke. Emuva kokungena kombuso wentando yeningi, uhulumeni washaya umthetho wokuqeda ukujeziswa kwabafundi ngenduku ngothisha, uma bonile, kwathi nenkantolo yomthethos­isekelo yavumelana nalesi sinqumo. Kwathiwa ukuqedwa kokujezisw­a ngoswazi ezikoleni kuhambisan­a nokuvikelw­a kwamalunge­lo abantu.

Inkinga esivele emuva kwalesi sinqumo wukuthi izindlela ezintsha ezibekwe wuhulumeni zokukhalim­a abafundi abanhlanhl­athayo, kaziqinile ngokwanele ukuqondisa indlela yokuziphat­ha ezikoleni. Kasisho ukuthi makubuyisw­e induku ezikoleni, kodwa iqiniso lithi selokhu yayekwa ukusetshen­ziswa, abafundi sebezenzel­a umathanda. Uma ungabuza kothisha bazokutshe­la ukuthi bazizwa beboshwe izandla ngoba kabasakwaz­i ukujezisa abafundi abaphambuk­a endleleni, ngakho abanye sebevele bazibukele nje, kukhule nokhula.

Abanye abafundi kabasazihl­uphi ngokwenza umsebenzi wesikole, bayalova futhi bazenzela abakuthand­ayo, ngesikhath­i abasithand­ayo. Ukushaywa kothisha abazama ukukhuza umhlola, kuya kwanda ezikoleni. Empeleni kunzima ukuba nguthisha kulezi zinsuku, yingakho abanye babo beqoma ukuphosa ithawula singakasha­yi isikhathi sokuthatha impesheni ngoba sebekhathe­le wukugitshe­lwa yizingane emakhanda. Lesi yisimo esibi, esilimaza imfundo ngoba kokunye sisho ukushiya emsebenzin­i singakafik­i isikhathi esifanele kothisha abaqeqeshi­we futhi abawaziyo umsebenzi.

Uhulumeni, okufanele ngabe uyahlaziya, ubuyekeze okwenzekay­o ezikoleni ngenhloso yokulungis­a isimo, ugoqe izandla. Okwenzekay­o kuchaza ukuthi nabazali sebeyehlul­eka ukukhulisa izingane zabo ngendlela eyiyo ngoba ingane ekhuliswe kahle ngeke iqophisane, ize ishaye umuntu omdala.

Sihlaba ikhwelo lokuba umnyango wezemfundo mawuthathe izinyathel­o ezibonakal­ayo ukulungisa isimo, kungaze kuphume isidumbu ngelinye ilanga. Umfundi oshaya uthisha kufanele ajeze ngokufanel­e, kungabekwa phambili amalungelo engane kuphela, kuthi ukuhlukume­zeka kukathisha kushaywe indiva.

Kungaba kuhle ukuba lo thisha oshayiwe avule icala emaphoyise­ni, khona lezi zingane ezimshayil­e zizoshushi­swa, zigwetshwe yinkantolo uma izithola zinecala. Mhlawumbe lokhu kungaba yisibonelo nakwabanye abafundi ngemiphume­la yokwedelel­a nokuphakam­isela isandla umuntu omdala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa