Ilanga

UQINISE ABALANDELI IDOLO OWE-FRANCE

-

PHANSI amaphaphu ngoKylian Mbappe ongumgadli weFrance okubhekwe lukhulu kuyena kwiNdebe yoMhlaba eqala namuhla ngoLwesine isongwe mhla ka-15 enyangeni ezayo eRussia.

Lo mgadli oneminyaka engu-19 ubudala, uphoqeleke ukushiya phakathi ejimini ngoLwesibi­li ngenxa yokulimala ngesikhath­i emakana no-Adil Rami.

UMbappe uhlohle amagoli angu-21 wakhanda angu-16 emidlalwen­i engu-46 ngesikhath­i ikilabhu yakhe, iParis SaintGerma­in (PSG), inqoba izindebe ezintathu ngesizini edlule.

Lo mgadli useva-lele amagoli amane wakhanda ayisihlanu emidlalwen­i engu-15 yeqembu lesizwe aqale ukulidlale­la ngonyaka odlule.

“Abantu abakhulule­ke. Angilimala­nga kakhulu, kodwa kube wukuthinte­ka nje okungathen­i.

"Abaqeqeshi bathe angihlale ngaphandle ukugwema ukuthi ngingathun­ukali. Ngikhona kwiNdebe yoMhlaba, futhi ngiyi- bheke ngabomvu. U-Adil ubengaqond­ile ukungilima­za, kube yiphutha nje,” kusho lo mgadli okulindele­ke ukuba adlale ngokubambi­sana no-Antoine Griezmann ( osesithomb­eni). IFrance ivula imidlalo yamaqoqo ngokududul­ana neAustrali­a ngoMgqibel­o ngo12h00. I-Egypt yase-Afrika, isenki-ngeni njengoba emakhulu amathuba okubhekana neUruguay kusasa ngoLwesihl­anu ngo-14h00, ngaphandle kukaMohame­d Salah olimele ihlombe. Lo mdlali weLiverpoo­l yase-England, ulimale kowamanqam­u we-Uefa Champions League behlulwa yiReal Madrid yaseSpain ngo-3-1 kowamanqam­u. IMorocco okungeliny­e lamazwe amele i-Afrika, izovula eyamaqoqo ne-Iran kusasa ngo-17h00, kuthi iNigeria nayo yase-Afrika, ivule neCroatia ngoMgqibel­o ngo-21h00. ITunisia izovula ne-England ngoMsombul­uko ngo-20h00.

 ??  ?? BATHEMBISA abathandi bebhola imfudumalo yodwa eRussia uma sekuqhubek­a imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
BATHEMBISA abathandi bebhola imfudumalo yodwa eRussia uma sekuqhubek­a imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa