Isilonda esibhibhayo kumdlali wePSL
Uphoxeke wacishe waduba umcimbi
UNESILONDA umdlali wePremier Soccer League (PSL) ngokukhala ngaphansi emcimbini wePSL wokuklomelisa abadlali abebevelele ngesizini edlule emiqhudelwaneni edlalelwa ngaphansi kwale nhlangano.
ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noThabo Nodada weCape Town City ebalwa namakilabhu enza kahle kwiPSL ngaphansi kukaBenni McCarthy ongumqeqeshi.
“Bengiqala ukuba ngomunye wabaqokelwe ukubanga imiklomelo yePSL. Ngesikhathi ngibona ukuthi kangiwinanga ngivele ngajabha, ngafisa ngisho ukuwushiya phakathi umcimbi, ngivele ngibuyele ekhaya. Phela ngaphoxeka kakhulu.
"Nokho kangifuni ukuthi ngiphindwe yilowaya mzuzu empilweni yami kwazise ngiwumuntu ongakuthandi ukwehlulwa, ngingumnqobi.
“Ngikhule ngizidlela amahlanga emiklomelweni eyahlukene. Kwangijabulisa kakhulu ukunqoba umklomelo wokuba yiPlayer of
IZINGUQUKO EZINQALA EMIDLALWENI KANSIMBI
SEKUSELE izikhala zamakilabhu amane ukubamba iqhaza kwiSiyabonga Sangweni Youth Month and Mayoral Sports Day ezoqala mhla ka-28 kwephezulu isongwe mhla ka-1 kuNtulikazi (July) eDondotha Sports Ground, kwesaKwaMthethwa, eMpangeni. Kungokokuqala ukuthi lo mqhudelwano uthathe izinsuku ezine selokhu usungulwe ngo-2013.
Kudingeka amakilabhu angu-24, kanti sekubhalise angu-20. Kujoyinwa ngo-R1 500 ikilabhu ngayinye. Le midlalo isithakwe ngeyemidlalo yezikole ka-U/12 exha- The Season kwiCape Town City. Ngingasho ukuthi kwangithoba inhliziyo kakhulu. Nakuba ngangiqala ukuba yingxenye yabaqokwe kweyePSL kodwa kuningi engakufunda. Ukugqoka isudi ngigudlane nozakwethu kunobhutshuzwayo kwangithokozisa kakhulu,” kusho uNodada.
Lo mdlali wahlulwa nguRonwen Williams ongunozinti weSuperSport United emklomelweni womdlali ovelele kwiMTN8 eyawinwa yiSuperSport ihlula iCity kowamanqamu eThekwini.
“Ngizinike isibopho sokuzimisela kakhulu kule sizini ezoqala ukukhombisa amajaji ukuthi nginekhono ebholeni,” kusho uNodada.
Ebuzwa ngamahebezi okuthi uMcCarthy angase ahambe njengoba kunenqwaba yamakilabhu amufunayo, uthe: “Ngesikhathi uBenni efika ekilabhini ngikhuthazeke kakhulu.
"Ubenginika iziyalo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla obekwenza umsebenzi wami ube lula ensimini.
“Ngisebenzile nabaqeqeshi abaningi empilweni yami kodwa uMcCarthy uhluke kakhulu. Ngaso swe ngabakwaVW ezoqala ngoLwesihlanu. Ngonyaka ozayo, abazonqoba kule midlalo yezikole bazokuya kwekazwelonke ezokuba seBhayi, kuthi abanqoba lapho bayomela elakuleli eGermany.
Imidlalo iyinsada eMpangeni njengoba uNkosinathi “Mini Cooper” Mthiyane osemabhukwini ePirates, ehlele imidlalo yezikole ezokuba ngoMgqibelo eMpangeni High. Lapha kuzokube kudlala izikole zaseMpangeni nezaseRichards Bay. UMthiyane usalinde iBucs ukumcacisela ngekusasa lakhe njengoba eyifenisha kuyona, ekubeni edlala kumakilabhu embolekisa kuwona. sonke isikhathi ungikhumbuza ukuthi ibhola yinto yami. Impela kazingithokozisi izindaba zokufunwa kwakhe. Ngizolinda ucingo lwakhe angazise ukuthi kwenzakalani.
"Ngiyazi ukuthi njengoba engumqeqeshi kumele athathe isinqumo esihambisana nomndeni wakhe. Kimina kuzokuba nzima ukwamukela uma engasishiya. Usefana nobaba wami eCape Town kwazise umndeni kangihlali nawo,” kusho lo mdlali waseMzimkhulu ezwakala ukuthi zimphethe kabi lezi zindaba.
UNodada ubuye waveza ukuthi isifiso sakhe wukuyodlala eFrance lapho kukhona uKeagan Dolly, uLebo Mothiba noBongani Zungu.
Kuzo ezeCity, isayinise uKouassi Kouadja odabuka e-Ivory Coast ukuvala isikhala esivuleke kushiya uRobyn Johannes oseqome iBidvest Wits. Usayine inkontileka yeminyaka emine neCity.
Qaphela! Zifundele kabanzi ngempilo kaNodada yaNgaphandle kweNkundla kule ngosi ephuma njalo kwiLANGA
Iyaqhubeka iHeroes Cup egijinyelwa eChesterville njengoba owamanqamu uzokuba ngoMgqibelo eChesterville Sports Ground. Le midlalo iqale ngeledlule.
UPhumelele “Ace” Bhengu noLinda Bhengu bahlele umqhudelwano kanobhutshuzwayo ozokuba ngoMgqibelo KwaSwayimane.
IDream Cup Team ihlele imidlalo ezokuba ngoMgqibelo eMbiyane Sports Ground, eMzinto. Isiteki esibekwe kulo mqhudelwano ngu-R10 000 kwabazodla ubhedu kuthi isibili sithole uR5000. Ngemininingwane kufonelwa kwethi: 078 402 6712.