Ilanga

"USEYINI UMSEBENZI WAMAKHOSI UMA UNGASEKHO UMHLABA AWENGAMELE"

- INTATHELI YELANGA

INKOSI Mangosuthu Buthelezi enguMengam­eli we-IFP, ithi kuyilumbo ukuthi uMnu FW De Klerk, owaba ngumengame­li wokugcina wengcindez­elo eNingizimu Afrika, wagunyaza Ingonyama Trust Act ngoba emtotosa ukuze avume i-IFP ingenele ukhetho lwangoMbas­a (April) 1994.

Ibikusho lokhu ngesikhath­i yethula inkulumo emhlanganw­eni weNdlu Yabaholi Bendabuko izolo eThekwini. Ithe kuyamangal­isa uma nentsha ebingakaza­lwa zenzeka lezi zinto, izwakala ikhuluma kanjalo.

Uthe iqiniso wukuthi i-IFP yayivele isinqumile ukulungene­la ukhetho ngemuva kwezingxox­o zokubonisa­na ezaziholwa nguSolwazi Washington Okumu, mhla ka-19 kuMbasa (April) 1994 ngaphambi kokuba kushaywe lo mthetho.

Uzwakalise ukudumala ngenkulumo kaMnu Kgalema Motlanthe - obehola ithimba ebelicubun­gula udaba lomhlaba ngaphansi kwe-ANC - ophakamise ukuba umhlaba ongaphansi kwamakhosi uthathwe unikezwe uhulumeni.

Uqhubeke wathi akukho namunye kwi-ANC oseke waziqhelel­anisa nalokhu, okuyinkomb­a yokuthi lona wumbono wayo osekunesik­hathi eside ukhona ukuba kucinywe Ingonyama Trust Act. Lokhu uthe kufakazelw­a yisinqumo esenziwe engqungqut­heleni yaleli qembu ebingoZiba­ndlela (December) 2017, lapho kuvele khona ukuthi i-ANC KwaZuluNat­al bekuyisiph­akamiso sayo ukuba umhlaba ongaphansi kwamakhosi uthathwe ngaphandle kwesinxeph­ezelo, unikezwe uhulumeni.

Uxwayise amakhosi ngokuthi nxa lokhu sekwenziwe - ukususwa kwamandla amakhosi okuphatha lawo manenjana omhlaba asasele - kuyobe sekulandel­wa wumbuzo othi useyini umsebenzi wamakhosi uma ungasekho umhlaba awengamele ngokohlelo lwendabuko.

 ??  ??
 ??  ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi enguMengam­eli we-IFP.
INKOSI Mangosuthu Buthelezi enguMengam­eli we-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa