Uncamela ukulamba oshiswe yindodana yomqashi ngo-
Ingaphandle ngebheyili ka-R7 000
AKAZIBONI ephindela emsebenzini wakhe owesifazane waseNdwedwe, kodwa ozinze eNewlands ngokomsebenzi, okusolwa indodana yomqashi wakhe ngokumbhunyela ngophethiloli yamshisa, emuva kwalokho yathi ibimdlalisa.
UNkz Mchunu (31), uthi yize kunguyena obexosha ikati eziko kubo, kodwa akacabangi ukubuyela eThe Don’s - okuyinkampani eseThekwini, esebenza ngokwenza i- service yezimoto - emuva kwesehlakalo esimehlele mhla ka-21 kuNhlaba (May) ngesikhathi eselungisela ukugoduka abaphathi bakhe sebephumile.
Phambilini utshele ILANGA ukuthi ngesikhathi elungiselela ukugoduka, kuqhamuke uMnu Dunstin Govender (28), oyindodana yomqashi wakhe - okumanje ungaphandle ngebheyili ka-R7 000 ayithole enkantolo - wazama ukumokhela i- bonding ekhanda kodwa wagxuma wagibela phezu kwemoto ebilungiswa.
Utshele leli phephandaba ukuthi uMnu Govender umlandelile esephethe isigubhu esinophethitholi elokhu ehleka. Umbhunyele ngawo maqede wajikijela uthi lukamentshisi oluvuthayo, wokheleka kanjalo emlenzeni.
“Kangazi ukuthi kungani uDunstin enze le nto ayenzile kimina. Ngeke umuntu adlale ngalolu hlobo, kusho ukuthi vele ubehlosile ukwenza le nto ayenzile kimina. Namanje ngisethukile ngokwenzekile. Inhliziyo yami ibuhlungu ngokungehlele ngoba kangikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngingase ngibe nje.
“Besiphathene kahle nalo mndeni kodwa into eyenziwe nguDunstin ingihlukumezile futhi kangiziboni ngiphindela ngiyowusebenzela. Into ebuhlungu wukuthi ekhaya sekuzodliwa imbuya ngothi ngoba yimina ebengixosha ikati eziko,” kusho uNkz Mchunu.
Utshele ILANGA ukuthi ubengazi ukuthi uMnu Govender ungaphandle ngebheyili, wathi lokhu kumphatha kabi ngoba into amenze yona ibuhlungu kakhulu.
“Inhliziyo yami kayijabulile njengoba uDunstin ededelwe ngebheyili. Ngifuna ukuba umthetho wenze okufanele ngoba ngicishe ngafa.
“Ngingajabula uma inkantolo ingamjezisa ngesigwebo esinzima ngakwenzile. Ngeke ngiyithathe imali yesinxephezelo uma kuthiwa bayangikhokhela yona ngoba lokhu kuyofana nokuthi into engenziwe yona yinhle futhi ngiyathengwa,” kusho yena.
NgoLwesibili uMnu Govender uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngecala lokuzama ukubulala uNkz Mchunu.
IMantshi Thembinkosi Ngema imtshele ukuthi uzobuyela enkantolo mhla ka-3 kuNcwaba (August), kusaphenywa.
“Uma wephula imibandela yebheyili, u-R 7 000 owukhokhe esiteshini samaphoyisa oboshwe kuso ngoLwesihlanu, uzodliwa wumbuso bese uyaboshwa.
“Inkantolo ingaphinde ikukhokhise inhlawulo noma uvalelwe ezikhindini isikhathi esingangonyaka uma uwephula lo mbandela,” kusho imantshi.
UNobhala we-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal, uMnu Thanduxolo Sabela, uthe:
“Bekungamele umsolwa adede- lwe ngebheyili ngoba into ayenzile inyantisa igazi futhi inesenzo sokucwasa. Lo msolwa ubhekene necala elinzima lokuzama ukubulala, ngakho-ke bekungamele adedelwe ngoba uyingozi emphakathini.
“Kumele ngabe umsolwa uliqula engaphakathi leli cala ngoba into ayenzile itshengise ubulwane. Ubulungiswa kabenzekanga esisulwini njengoba namalungelo aso edicilelwe phansi, sibuhlungu ngalesi senzo.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umuntu ongumsolwa uyayithola ibheyili esiteshini samaphoyisa.
“Into eyenzekayo wukuthi ummeli kamsolwa uye axhumana nomshushisi uye ophethe icala bese kuba nenkantolo ‘yesikhashana’ ngaphakathi esiteshini,” kusho uLt Colonel Zwane.