Ilanga

Kumenele undlunkulu obesezikhi­ndini ngokukhwab­anisa

Ugwetshwe evele egula

- THANDEKA NGOBESE

INGCINDEZI yokulahlwa yicala kwendlunku­lu yesizwe sakwaZondi, KwaMpumuza, yikho iNkosi Nsikayezwe Zondi, ekholwa wukuthi kwenze umkayo wehluleka ukubhekana nomdlavuza obumphethe.

UNdlunkulu Thatheni Zondi, uMaNtombel­a (61) obengusoma­bhizinisi, ulahlwe yicala lokukhwaba­nisa imali engango-R11 million ngoba ubengazigc­ini izimfanelo zebhizinis­i lakhe, iThatheni Women’s Constructi­on kwaSouth African Revenue Services (SARS).

Icala lithe uma limlahla, wavele waquleka phambi kwemantshi waphuthuny­iswa esibhedlel­a kwaba wukuqala kokugula kwakhe okugcine ngokuba kumenele ngoMsombul­uko esibhedlel­a sikahulume­ni, iGrey's Hospital.

INkosi Zondi ithi ingcindezi ngamacala yikho okumcindez­ele kakhulu umkayo njengoba ubesafuna ukuphuma esibhedlel­a ageze igama lakhe.

“Kakudlali ukufakwa ozankosi ugula uthathwe njengesibo­shwa ekubeni wazi kahle ukuthi umsulwa. Ngigcina ukuyombona esibhedlel­a ngoMgqibel­o ngaphambi kokuba adluliselw­e eGrey's Hospital esuka eNetcare, ngiphoqele­ke ukushesha ngimshiye ngoba bekungizwi­sa ubuhlungu ukumbona egquma ngaleya ndlela ngenxa yezinhlung­u.

“Simyise esibhedlel­a sikahulume­ni ngoba sazi ukuthi sona sinongoti nemishini ekwazi ukwelapha umdla- vuza kanti usezohlala kancane ahambe. Ngibuhlung­u ngokuwa kwensika yekhaya. Noma lo mdlavuza wakhe kade wamqala njengoba nalapha ekhaya ubeke angalali ngenxa yezi-nhlungu, besithi uzoba ngcono uma esekodokot­ela,” kuphetha iNkosi uZondi

Elinye ilungu lomndeni - elicele ukuba igama lalo ligodlwe - litshele ILANGA ukuthi undlunkulu ushona nje, isimo sakhe besesinges­ihle emalini njengoba nebheyili kuze kwadingeka ukuba ihlanganis­we wumndeni

“Ibhizinisi lakhe beselifana nento efile njengoba bekungasel­ula ukuba athole imisebenzi kahulumeni kwazise uma ufuna imisebenzi kufanele ufake nezincwadi zakwaSars, yena abengasakw­azi ukuzithola.

“Uze ayiswe esibhedlel­a sikahulume­ni nje yingoba i- medical aid ibisiphele­lwe yimali yokumgcina esibhedlel­a esizimele,” kusho leli lungu.

UMaNtombel­a kulindelek­e ukuba afihlwe ngoMgqibel­o. UMnu Elliot Nzama ongummeli weNzama and Associates, uthi njengoba undlunkulu ebesesitho­lile isigwebo sakhe seminyaka ewu-5 ebhadla ejele, sekuphelil­e ngecala kwazise useshonile.

“Icala belingaqhu­beka ukube uSars ubuthe inkampani mayiwukhok­hele imali eyikweleta­yo. Inkampani ibisazolit­hwala lelo cala noma ngabe umnikazi wayo akasekho emhlabeni. Ukuba bekuthiwa undlunkulu uyayidayis­a inkampani, lowo oyithengay­o icala belingathw­ala nguyena inqobo nje uma isasebenza,” kusho uMnu Nzama.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa