Ilanga

U-TRUMP UPHINDE WALIDUNGUZ­ELISA IRANDI LAKULELI

- INTATHELI YELANGA

INTUTHU yomlilo wezohwebo osha ubuhanguha­ngu phakathi kwe-United States of America (USA) neChina, uxhophe irandi izolo ngoLwesith­athu lehla ngo-1% emuva kokuvela kwezindaba zokuthi uMengameli wase-USA, uMnu Donald Trump angase ayiqhube impi yezomnotho neChina futhi axwayise izinkampan­i zezwe lakhe ukuba zingayisi imikhiqizo yazo kwamanye amazwe.

Ngo-11h01 izolo, irandi belinteken­teke liwu-R13.68 kanti ngo15h46 beseligiji­ma ku-13.71 uma liqhathani­swa nedola lase-USA.

“Irandi lintekente­ke kakhulu ezimakethe zeminotho esathuthuk­a namhlanje ekuseni (izolo ekuseni), lilandelwa yiLira yaseTurkey,” kusho uMnu Wichard Cilliers weTreasury­ONE.

Uthe idola lase-USA novalo kwezohwebo emhlabeni yikhona okudala yonke le nkinga - yokudunguz­ela kwerandi.

Uqagule ukuthi abahwebi bazothanda ukudonsa izinyawo, bahwebe ngokucophe­lela kwazise izimakethe zibheke ukuthi uMnu Trump wenzani ngezimemez­elo zakhe nezinsongo kwezomnoth­o.

NgoLwesibi­li inkampani yaseUSA ekhiqiza izithuthu, iHarley Davidson ibisikaza ukunyula imikhiqizo yayo kuleliya lizwe ngenxa yezinsongo zikaMnu Trump ofuna ukufaka intela emikhiqizw­eni eyahluke yamazwe angaphandl­e kwezwe lakhe nasezinkam­panini zakhona e-USA.

Emuva kokuzwa lokho, uMnu Trump usabise iHarley Davidson ngokuthi uma nje ike yakhiqiza izithuthut­hu zayo ngaphandle kwe-USA, uyoyishaya ngentela engakazwe ibonwe emlandweni.

Usomnotho waseRand Merchant Bank (RMB), uMnu Isaac Mhlanga, uthe ukuzamazam­a okuqutshul­wa yimpi yezohwebo kudala omkhulu umonakalo ozozwela kakhulu ezi- makethe.

“Njengoba sike sasho phambilini, uma le mpi yezohwebo inganqandw­a, akekho ozozuza ngayo,” kusho uMnu Mhlanga.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nangomhla ka-19 irandi liphazamis­ekile emuva kokuba uMnu Trump ememezele mhla ka-18 kwephezulu ukuthi izwe lakhe lingase ligadle ngenye intela empahleni yaseChina.

Uthe ufuna ukubheka impahla yaseChina eyenza u-US$200 billion (R2.7 trillion) bese eyishaya ngentela ka-10% uma ingena e-USA. Wesabise ngokuthi uma iChina iziphindis­ela ngalokhu - ngokushaya izwe lakhe ngentela efanayo - uzophinde abheke enye impahla yaseChina eyenza imali efanayo, ayigixabez­e ngentela ka-R10%.

Ubengaqali njengoba ngoNhlaba (May) ememezele ukuthi umnyango wezomnotho ezweni lakhe ubheka imikhiqizo yezimoto evela kwamanye amazwe - ufuna ukufaka intela ka-25% kuyona.

UMnu Trump ubengaqali lapho njengoba engayinika ushwele imboni yensimbi neye- aluminium yaseNingiz­imu Afrika, yiChina, yiIndia ukubala amazwe ambalwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ISTOCK ?? KULIPHINDI­LE lokho irandi izolo ngoLwesith­athu liguliswa yimpi yezomnotho ephakathi kweChina neUSA.
ISITHOMBE NGABE: ISTOCK KULIPHINDI­LE lokho irandi izolo ngoLwesith­athu liguliswa yimpi yezomnotho ephakathi kweChina neUSA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa