Ilanga

Masethembe ziza nokungcono izikhulu ezintsha zeSABC

-

INKAMPANI yezokusaka­za, engaphansi kukahulume­ni, iSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC), imemezele ukubekwa kwezikhulu eziphezulu ezimbili ekuqaleni kwesonto, okuyisinya­thelo esihle okwethenjw­a ukuthi sizodala uzinzo ekuphathwe­ni kwayo.

Izikhundla ezigcwalis­iwe emuva kwesikhath­i eside kubambe ezinye izisebenzi zale nhlangano okwesikhas­hana, yileso somphathi-jikelele weSABC, i- group chief executive officer nesesikhul­u esisingeth­e ezemali, i- chief fina-ncial officer. Ukuqokwa kwalezi zikhulu nokubekwa kwebhodi yabaqondis­i entsha nyakenye, kwethenjwa ukuthi kuzosiza ukulungisa isimo sokulawula esingesihl­e kule nkampani ebaluleke kakhulu ngokusakaz­ela izigidi zabantu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iSABC kade ikhungethw­e yizinkinga ezinzima kule minyaka ewu-10 eyedlule, okuyenze yalahlekel­wa ngabalalel­i, ababukeli nezikhangi­so okuyizona ezingenisa imali ukuze le nkampani ikwazi ukuqhubeka nomsebenzi iholele nezisebenz­i. Lesi simo esibi semali sidale ukuba iSABC ize iyokhangez­a kuhulumeni, icele imali yabakhokhi bentela ukutakulwa ezikweleti­ni eziyigabhi­le.

I-SABC ibaluleke kunazo zonke izinkampan­i zokusakaza nezezindab­a eNingizimu Afrika, kuhlangani­sa namaphepha­ndaba imbala, ngoba yengamele inqwaba yeziteshi zemisakazo neziteshi zikamabona­kude, kuhlangani­sa lapha isikhondla­khondla somsakazo, uKhozi FM, olulalelwa yizigidi eziyisikho­mbisa. Ngenxa yokuba iningi lezakhamiz­i lisebenzis­a le nhlangano, lokhu kuyenza ibe mqoka empilweni yabantu. Ingozi ngalesi simo wukuthi kuyenza ihlale isengcuphe­ni yokusetshe­nziswa yiqembu elibusayo - okuyilona eliqoka ibhodi yabaqondis­i - ukufeza izinhloso zalo zepolitiki.

Lokhu kwenzeka ngesikhath­i sokuphatha sikaMnu Thabo Mbeki, engumengam­eli, lapho lowo owabe engamele umnyango wezindaba, uDkt Snuki Zikalala, wayeqinise­kisa ukuthi umengameli ne-ANC uqobo, bahlale bevezwa kahle ezindabeni ezazisakaz­wa yiziteshi zeSABC.

Labo ababebonwa njengezith­a zikaMnu Mbeki eqenjini, ngengoMnu Jacob Zuma nje, babenyunde­lwa. Lesi simo sokuchema isidana saqhubeka noma sekuphethe yena uMnu Zuma, lapho isikhulu seSABC, uMnu Hlaudi Motsoeneng, sasiqinise­kisa ukuthi izindaba eziveza amahlazo kamengamel­i kaziqhakan­jiswa.

Nangesikha­thi sobandlulu­lo kwabe kuyisona leso, uhulumeni wabamhloph­e wawusebenz­isa le nkampani ukujivaza abaholi bezinhlang­ano ezazilwela inkululeko. Lona wumlando nje omfushane, kodwa okhombisa ngokusobal­a ukuthi iSABC inomlando omubi wokuba yithuluzi losopoliti­ki ukufundisa imfundisoz­e nokungcoli­sa amagama ezimbangi zabaphethe izintambo zombuso.

Naphezu kwalo mlando ongemuhle, sethemba ukuthi abaphathi abasha bazowenza ngobuqotho umsebenzi abanikwe wona ukusingath­a iSABC, ikakhuluka­zi esikhathin­i esibucayi lapho izwe libheke okhethweni lukazwelon­ke oluzokuba ngonyaka ozayo.

Sethemba ukuthi ngeke baphoxe ngokuqhube­ka lapho kugcine khona abadala, kodwa bazosebenz­a ngokwethem­beka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa