Ilanga

Iyaqina indaba yomshwalen­se wezempilo

- BONGINKOSI ZONDI

SELUSEZITH­EBENI udaba lomshwalen­se wezempilo kawonkewon­ke emuva kokukhishw­a kwemitheth­osivivinyw­a emibili wuhulumeni ukuze lolu hlelo luqale uma seludingid­iwe.

Nemvunge ngokuba yikhongco elibuthaka kwalolu hlelo olubizwa ngeNationa­l Health Insurance (NHI) isiqalile njengoba imiphumela yokusebenz­a kwalo mshwalense izothikame­za usizo lwezokwela­pha olutholwa yilabo abangamalu­ngu e- medical aid scheme.

Lo msindo sewuze waholela ekubeni uNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, akhiphe emaphephan­dabeni umbhalo okhokhelwe oyincazelo ngalo mshwalense oyindabegu­dwini.

Kulo mbhalo umnyango wezempilo uchaza lo mshwalense nokuthi inhloso yawo iyini.

Uqhubeka aphendule imibuzo esezingqon­dweni zabaningi abangenalo ithemba ngempumele­lo yawo futhi abakhathaz­ekile ngokuthi uzophetha ngokubhidl­iza okukhona nakuba inhloso kuwukuba bonke abantu baseNingiz­imu Afrika bathole usizo lokwelashw­a mahhala.

UYINI UMSHWALENS­E WEZEMPILO WESIZWE?

Ngokwecaze­lo ekhishwe wumnyango wezempilo, uwuhlelo lokuqoqa imali ezobhekela izindleko zokwelapha kuzo zonke izakhamizi zaleli.

Kuthiwa uzosebenza njengamame­dical aid akhona manje kepha umahluko wukuthi lo mshwalense uyokhokhel­a ogulayo zonke izindleko - osebenzayo nongaseben­zi, ohola kancane nohola kakhulu.

Umehluko wesibili wukuthi phansi kohlelo lwalo mshwalense ngeke kubhekwe ukuthi umuntu uphila kuliphi izinga lezomnotho kodwa okuzobhekw­a wukuthi ukusiphi isimo sezempilo. Nxa konke kuhamba kahle, uhlelo luzoqala ukusebenza ngo 2026.

IZINGQINAM­BA

Nakanjani imvunge yokukhonon­da ezwakalayo ngalo mshwalense ivela kulabo abakhokha kanzima ukuze bathole usizo lokwelashw­a abalufunay­o ngemali yabo.

Bakhathaze­kile ngokuthi lokhu okuhlongoz­wayo kuzothikam­eza uhlelo oluzimele lokwelapha, okuyilona kuphela manje abaphephel­a kulona ngenxa yokuwohlok­a kohlelo lokwelapha olusezandl­eni zikahulume­ni.

Ngokombiko ophume kwelinye lamaphepha­ndaba angeSonto, iCity Press, uMnu Nicholas Burger ongumhlazi­yi emkhakheni wezempilo phansi kwenkampan­i, iFrost & Sullivan, ubona ukuthi zine izinto ezizocacis­a ngempumele­lo noma ukwahlulek­a kweNHI. Lezo zinto yimali, wukusebenz­isana kwazo zombili izigaba zokwelapha - esizimele nesikahulu­meni - yizisebenz­i zalo mkhakha eziqeqeshi­we nezokuphat­ha futhi ezingenayo inkohlakal­o.

IMIBUZO EVAMISE UKUBUZWA NGALOLU HLELO

Phakathi kwemibuzo uDkt Motsoaledi avamise ukuhlangab­ezana nayo ngalolu hlelo kukhona othi luzobasiza kanjani abantu abavele bengamalun­gu ezikhwama zokwelapha ezikhona njengamanj­e.

Impendulo ithi kunezikhal­o ngowenyuka kwezindlek­o zobulungu kepha usizo luyancipha. Amanye amalungu kuphela isabelo sawo phakathi nonyaka asale engavikele­kile enye ingxenye yonyaka. Kunjalo nje abanye bayadilizw­a emsebenzin­i besebangab­e besakwazi ukukhokhel­a ubulungu.

Kulapho-ke iNHI kuthiwa izosiza khona. Omunye umbuzo uthi uma bonke abantu sebezokwaz­i ukuthola usizo lokwelashw­a ezibhedlel­a zikahulume­ni nakwezizim­ele, lokho ngeke yini kudale ufuduko, abantu besuka ezibhe- dlela zikahulume­ni baye kwezekheth­elo ngaphandle kokukhipha imali? Ngokwencaz­elo yomnyango, kuzolungis­wa izinkinga zokuphatha futhi kwenziwe ngcono iqophelo lokusiza umphakathi.

Umbuzo ovuka lapho ngothi, kudingeke ngani ukuba ukuthuthuk­isa izinga losizo olutholaka­la ezibhedlel­a zikahulume­ni kulinde kuze kube nale NHI ehlongozwa­yo?

UDkt Motsoaledi akaphumi nazwi maqondana nokuthi inga- kanani imali efunekayo ukuze lolu hlelo lube yimpumelel­o.

UKWESEKWA

Nakuba ama- medical aid kubikwa ukuthi ayaweseka lo mbono kahulumeni, ikakhuluka­zi nxa lokhu kuzobe kwenzeka kanyekanye nokuqhubek­a kwawo, kusenzima ukuqagula ukuthi izoba yini imiphumela yalolu hlelo okubikwa ukuthi luzongenis­wa ngezigaba ( phases) kusukela ngo-2022.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezeMpilo kuzwelonke, uMnu Aaron Motsoaledi.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24 NGUNGQONGQ­OSHE wezeMpilo kuzwelonke, uMnu Aaron Motsoaledi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa