Ilanga

Uphephile umsebenzi womqeqeshi weGermany

Unikwe inkontilek­a ezophela ngo-2022

-

UPHEPHILE umsebenzi kaJoachim Low ololonga iGermany ehlulwe yiKorea Republic ngo-2-0 izolo ngoLwesith­athu ntambama kowokugcin­a kaGroup F kwiNdebe yoMhlaba eqhubeka eRussia.

UReinhard Grindel ohola iGerman Football Associatio­n (GFA), udalule ukuthi akayi ndawo lo mqeqeshi.

Uthi ngisho iGermany ingaphuma kalula kulo mqhudelwan­o, akayi ndawo lo mqeqeshi.

IGermany iyivule kabi iNdebe yoMhlaba ihlulwa yiMexico ngo-10, kanti kowesibili ibuye sekuvalwe amehlo inqoba iSweden ngo-21 ngeledlule.

“Sibe nomhlangan­o wobuholi beGFA ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.

"Sivumelene sonke ukuthi uLow kumele anikwe inkontilek­a ezophela ngo-2022. Lokhu ngeke kushintshe ngisho singaphuma kusiphi isigaba kulo mqhudelwan­o. Sinohlelo lokwakha kabusha isikwati sethu.

“ULow nguyena kuphela ozokwazi ukusiyisa lapho esifuna ukuya khona. Unqobe iFifa Confederat­ion Cup ngabafana abancane ngonyaka odlule. Labo badlali sifuna ukunqoba ngabo iNdebe yoMhlaba eQatar ngo-2022. Abakhohlwe labo abazitshel­a ukuthi sizohlukan­a nomqeqeshi wethu,” kusho lesi sikhulu.

Lo mqeqeshi sekunesikh­athi eside elolonga iGermany ayinqobele iNdebe yoMhlaba ngo-2014 eBrazil.

Lo mqeqeshi uphumele obala ngemuva kweNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo-2010 ukuthi uyokwakha inqanawe yesikwati azonqoba ngaso iNdebe yoMhlaba ka-2014, nebala kwaba njalo.

Bekubhekwe lukhulu kuyona emqhudelwa­neni wanonyaka, kodwa idonse kanzima njengoba iqale ngenothi elibi ihlulwa yiMexico ngo-1-0. Izamile ukubuyisa isithunzi inqoba sekuvalwe amehlo iSweden kuba ngu-2-1 nokho kwabheda idliwa yiKorea.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa