Ilanga

I-PORTUGAL KAYINENDAB­A NEBHOLA ELIHEHAYO

-

KAYINANDAB­A nokudlala ibhola elimnandi iPortugal ezodudulan­a ne-Uruguay emdlalweni we- last 16 kwiNdebe yoMhlaba ngoMgqibel­o eRussia.

UCedric Soares odlala emuva kwiPortuga­l, uthe beze kulo mqhudelwan­o nenhloso yokunqoba, hhayi ukuzokhomb­isa ibhola elisezinge­ni eliphezulu.

Lo mdlali uthi bayakwazi okumele bakulindel­e kwi-Uruguay njengoba beqhathwe nayo. Bese kubukeka sengathi iPortugal izobhekana neRussia, kodwa imiphumela yemidlalo yangoMsomb­uluko kaGroup B yaphendula amatafula.

“Inhloso yethu ukubhekana nomdlalo ngamunye. Size lapha sifuna ukudlulela kwi- last 16.

" Sesingenil­e kulesi sigaba. Thina asinandaba nokudlala ibhola elihehayo, okumqoka ukuthola imiphumela. I-Uruguay ibophele abadlali abahle kakhulu. Okuhle wukuthi siyabazi abadlali bayo abaningi.

“Siyakuqond­a ukuthi yiyona yodwa engakangen­elwa yigoli kulo mqhudelwan­o. Sekuyoshiy­ana ukwenza enkundleni. Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokuba sikhombise ukuthi siyizingqw­ele zaseEurope,” kusho lo mdlali.

Ebuzwa lo mdlali ngephenath­i ayidalile bebhekene ne-Iran, uthe: “Angithandi ukukhuluma ngezinto engingenam­andla okuzishint­sha. Kumele sizihlonip­he izinqumo zeFifa. Nokho-ke ngizokulwe­la ukuthi kungangiph­azamisi ensimini ukudala iphenathi.”

Kulindelek­e ukuba i-Uruguay iqhubeke nokuthembe­la kuLuis Suarez no-Edinson Cavani. IPortugal ibuyela enkundleni ebambane kuyona ngo-3-3 neSpain kowokuvula.

UCedric udale iphenathi bebhekene neIran ngoMsombul­uko okuyiyona eholele ekutheni umdlalo uphele zibambene ngo1-1.

ISpain ivalele igoli seliyoshon­a ibambana neMorocco ngo-2-2, okwenze yaqeda iqhwakele kwiGroup B, kwathi iPortugal yaqeda endaweni yesibili kuleli qoqo.

UCristiano “CR7” Ronaldo kulindelek­e ukuba aqhubeke nokutakula iPortugal njengoba evalela amagoli amqoka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa